Owesifazane ulaxaze amadodana ungqongqoshe wasongela abazali ababhubhudla isibonelelo sezingane

203

NONHLAKAPHO SHINGA

USONGELE abazali abalaxaza izingane, badle imali yazo yesibonelelo ngaphandle kokuzinakekela uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga, ngemuva kwesigameko esenzeke oThulini, eMvoti, lapho owesifazane eshiye amadodana akhe amane wodwa.

Laba bafanyana abaneminyaka ephakathi kuka-10 no-16, batholakale behleli endaweni engagculisi, kwavela nokuthi bebeke balale bengadlile uma bengalutholanga usizo komakhelwane. 

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiwa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga evakashele izingane ezilaxazwe ngunina yize edla imali yazo yesibonelelo.

Ngokuthola kweLANGA Lempelasonto, lezi zelamani zishiywe ngunina endlini yodaka, kwaze kwangenelela umakhelwane wazinika indlu eseduze nakwakhe ukuba zihlale kuyona.

Ilungu lomphakathi elakhelene nakubo kwalezi zingane, litshele leli phephandaba ukuthi inzima impilo eziyiphilayo njengoba kwesinye isikhathi ziya esikoleni zingadlile.

“Okuhle nje ngabo wukuthi bebeqhubeka befunda yize bengenaye umuntu omdala obabhekile. Ukufika kukangqongqoshe ukuzobheka isimo, kwenza sibe nethemba lokuthi kungenzeka izingane zigcine sezinendawo ephephile ezingahlala kuyona.

“Ebesikwesaba kakhulu wukuthi bekungagcina kunabantu abadlala ngazo ngoba sibi isikhathi esiphila kusona,” esho. 

Okuvelile wukuthi unina walezi zelamani uyayihola imali yesibonelelo kodwa zona kazihlomuli lutho.

UNkz Shinga uthe izingane zizogcinwa esikhungweni somnyango ukuze ziphephe futhi imali yesondlo izomiswa kuze kube abakwaSassa bathola umuntu ofanele, ongakwazi ukuhola le mali okumele isize izingane.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUjikelwe “yinkabi” umhlengikazi osolwa ngokubulala isisebenzi
Next articleZimphazamisile emoyeni ezinye iziqephu zeKhumbul’ ekhaya umethuli walolu hlelo