OweSwallows nesexwayiso kozakwabo ngeChiefs

177

SENZO SOKHELA

UXWAYISA ozakwabo ngengozi uKagiso Malinga (osesithombeni) ongumgadli weMoroka Swallows ezobhekena neKaizer Chiefs koweDStv Premiership ngeSonto ngo-15h30 eDobsonville Stadium, eSoweto. UMalinga uthi akumele ezakhe ziyedelele iChiefs ngoba nakhu ibhinjelwa yizinto. 

“Akusho lutho kithi ukuthi iChiefs kayenzi kahle, okusalayo iseyikilabhu enkulu, lokho kufanele sikuhloniphe. Uma sizoya ngokuthi kayenzi kahle, singazithola sisengozini engasiqhatha nenduku. Nakuba siyihlonipha, kodwa ekugcineni siyayidinga le wini. Iyangichaza indlela esidlala ngayo manje, ingenza ngingabi noluncane uvalo uma siya emidlalweni. Abalandeli bethu mabaphume ngobuningi babo, ngeke sibabizele into engekho, kukhona okuzobajabulisa,’’ kusho uMalinga. 

Uthi ikhefu leFifa libasebenzelile ngoba bakwazile ukuzicijisisa phambi kwamapali, kwazise yilapho abasabuthaka khona. 

Previous articleAbapheki sebetakula imindeni ngoKhisimusi
Next articleI-DA ifuna imenenja yeTheku “icindezele” izisebenzi ezikweletayo