Kuthiwa ubejijimeza umfundi waseMUT nge-okapi
NONHLAKANIPHO SHINGA
UDEDELWE ngebheyili esiteshini samaphoyisa eGG, eMlazi izolo ngeSonto uBrilliant Khuzwayo (osesithombeni) owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, oboshwe emuva kwesixakaxaka esisuke eMangosuthu University of Technology (MUT) ngoMgqibelo.
UKhuzwayo uvulelwe icala ngumfundi (23) waseMUT, omsola ngokumjijimeza nge-okapi. Naye lo mfundi wakulesi sikhungo ulale ezikiti ngoMgqibelo emuva kokuboshelwa ukuzama ukulimaza uKhuzwayo.
Ekhasini likaKhuzwayo leTwitter, kukhishwe isitatimende esiveze ukuthi ubehambale imidlalo ebiseMUT, lapho ebemenywe ukuba ayokhuluma khona okuthe engakakhulumi, wahlaselwa ngowesilisa okusolwa ukuthi ungumfundi kulesi sikhungo, wamgwaza.
Isitatimende siqhubeka siveze ukuthi ube esephuthunyiswa esibhedlela ngemuva kokulinyazwa yilo mfundi. Ngokuthola kweLANGA, bekunomncintiswano kanobhutshuzwayo obuhlelwe ngabafundi abangamalungu eSouth African Students Congress (Sasco) eyinkonyane le-ANC abebekhankasa kuwona njengoba ukhetho lwesigungu sabafundi selusemome.
“Lona owayengunozinti ubemenywe ukuba ayothatha izithombe nabafundi kulo mdlalo. Kusukume lona omunye ongumsolwa ephethe “ingilazi enamanzi”, kanti uzotheleka lona owayengunozinti,” kusho umthombo obukhona kwenzeka lesi sigameko.
Uthi lo mfundi uxolisile ngokuthela uKhuzwayo, waqhubeka wahamba. Uthi uKhuzwayo usukume wabuya ne-okapi.
“Yilapho behilizisane khona ngamazwi, wachapha lo mfundi ngenhlamba waze wambiza ngaphansi kweziketi zikanina,” kusho umthombo. Kuthiwa naye lo mfundi uziphendulele, okuyilapho uKhuzwayo ezame khona ukumgwaza, kodwa lo mfundi wavika wagcina egwazeke engalweni.
“Naye lo mfundi ube esegadla ngengilazi lena abeyiphethe,” kusho umthombo. ILANGA likhulume noMnu Khulekani Mchunu, ongunobhala weSouth African Democratic Students Movement (Sadesmo), othi kuthe uma bezwa ngalokhu kuhlaselana kwalaba ababili, bangenelela bazama ukususa uKhuzwayo bambeka endaweni ephephile.
“Sizame ukuthola ukuthi njengoba ebengaphakathi nje esikhungweni, ngabe ubenayo yini imvume, ngoba akuvumelekile ukuthi umuntu ongeyena umfundi abe ngaphakathi engenayo.
“Sithole ukuthi kwamncintiswano obuwenziwe ubungekho emthethweni, samvulela icala (ngaphakathi esikhungweni) lokuba kusona engenayo imvume,” kusho yena.
Uthi umfundi ogwazekile, ulimale engalweni waya esibhedlela iPrince Mshiyeni eyothungwa. Imithombo yeLANGA ithe uma umfundi eseya emaphoyiseni eyovula icala, wafika noKhuzwayo esemvulele icala.
Ngokuthola kwaleli phephandaba, bobabili badedeliwe izolo ngeSonto, kodwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo namhlanje.
Eshayelwa yiLANGA uMengameli weSasco, uMnu Tumelo Moalosi, uthe akazimisele ngokukhuluma nalo ngoba lizobhala ihaba, kanti nomdlalo lowo ubengekho kuwona.
“Kangizimisele ngokuphendula lutho ngoba bengingekho lapho, kangifuni bese nibhala ihaba ngegama lami,” evala ucingo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, ukuqinisekisile ukuthi abasolwa ababili abaneminyaka ewu-23 no-30 baboshiwe.
“Bavulelane amacala okuhlaselana ngenhloso yokulimazana kanzima, kanti womabili amacala asaphenywa ngamaphoyisa. Kulindeleke ukuba bavele ngo-Msombuluko eNkantolo yeMantshi eMlazi,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ila-nganews.co.za