LUCKY CAIN
INJABULO kumlingisi owazakhela igama engumsakazi woKhozi FM, uSthandwa Nzuza (osesithombeni), njengoba ezobonakala emdlalweni kamabonakude ohamba phambili ngababuleli, Umkhokha, odlala ngo-20h30 phakathi nezinsuku kuMzansi Magic (161). Uthe okumjabulisa kakhulu, wukuthola ithuba lokusebenzisana nomakadebona kwezikamabonakude, uDuma KaNdlovu, ongumdidiyeli woMkhokha. Kulindeleke ukuba aqale ukubonakala kusasa ngoLwesine kulo mdlalo.
Ekhuluma neLANGA, uveze ukuthi uzizwa ethobekile ukuthi uzoba yingxenye yalo mdlalo odidiyelwe yile nkuzi emidwayidwa, egabe ngemidlalo emine ekhonjiswa eziteshini ezahlukene zikamabonakude; okuyiMy Brother’s Keeper, iSibongile And The Dlamini’s, iQueen Mudjaji nawo Umkhokha. Kulindele ukuba umdlalo wesihlanu odidiyelwe nguNdlovu, uMuvhango, ukhuze ibuya emoyeni.
“Okungenza ngijabule futhi ngithobeke wukuthi ngisebenza nomakadebona osezakhele igama kumabonakude. Ngiyaqala ukusebenza naye, okuyinto engithokozisayo kwazise ngiyawazi amagalelo akhe kumabonakude,” kusho uSthandwa. Uthe kulo mdlalo uzodlala indawo ehlukile futhi abantu abangayilindele kuyena.
“Okuhle wukuthi abantu bazobona olunye uhlangothi ngami njengoba le ndawo abantu kabayilindele ukuthi ingadlalwa yimina,” kusho yena. Uveze ukuthi nakuba ekhombisa ukukhula kwezokulingisa, kodwa uthando lokusakaza lusekhona kuyena. “Umsakazo ngiyawuthanda futhi uma lingase liqhamuke ithuba lokubuyela emsakazweni, ngeke ngiliyeke,” kusho yena. Uthe washiya emsakazweni engakathandi ngenxa yezimo zangaleso sikhathi.
Uke waba ngumsakazi weDYR ngaphambi kokujoyina uKhozi FM.