OwoKhozi FM uchaze ngobunzima kudlula uzakwabo emhlabeni

145

LUCKY CAIN

UCHAZE ngobunzima ahlangabezane nabo bokwazisa ozakwabo ngokudlula emhlabeni kuka-Irvin Sihlophe umphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo, ngesikhathi kunenkonzo yesikhumbuzo salo msakazi ezindlini zokusakaza eSABC, eThekwini ngoLwesithathu. 

Ekhuluma kule nkonzo USbongi, uthe ngosuku athole ngalo ngokudlula emhlabeni kwalo msakazi, kuningi okumfikele engqondweni yakhe njengoba izindaba wazithola ekuseni engakayi nasemsebenzini. 

“Bekumele ngiqale ngicabange indlela engizozidlulisa ngayo lezi zindaba njengoba bezingekho lula. Nakuba sinayo inkundla lapho sixhumana khona sonke ngeWhatsApp, kodwa bekungelula ukumane ngilubhadlaze nje lolu daba, bekumele ngicabangele nalabo ababesemoyeni ngaleso sikhathi,” kusho uSbongi. 

Uthe uphoqeleke ukuziyela mathupha ezindlini zomsakazo, wafika ithimba elishayela uhlelo lwasekuseni, uSipho Mbatha noMroza Buthelezi, besesemoyeni. 

“Ngakhuluma nomdidiyeli wohlelo, sivumelene ukuthi sibanike ithuba lokuqhubeka emoyeni bese benginika ithuba ngemuva kuka-08h00,” esho. 

Uthi konke lokhu ubekwenziswa wukuthi ubekuqonda ukuthi izindaba abezozethula, zithinta umuntu onjani futhi obenobudle-lwano obuhle nabasakazi abaningi nozakwabo. 

IKhathide “Tshatha” Ngobe – obekhulumela ozakwabo bakaSihlophe – uthe kuningi akufundile kuSihlophe, ubengumuntu obezazi ezobuchwepheshe zasemsakazweni. 

“Ngesikhathi siqala ukusakaza, sasingenabo abadidiyeli, okuningi sasizenzela. Izinto eziningi engazifunda ngomsakazo, ngazifundiswa nguSihlophe,” kusho yena. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleisicelo somnyango ezikhungweni zemfundo ephakeme ngodlame kwabesifazane
Next articleKuthiwa makayophatha ngakubo uthishanhloko osatshiswayo