OwoKhozi FM ukhuthaza ukuqhakaza kwembokodo

1034

MTHOBISI SITHOLE

uZimiphi Biyela ohlabane ngendondo emkhakheni weMedia

IBONGE abalaleli boKhozi FM, yakhuthaza abesifazane ukuba bakwazi ukuzimela, basebenzele ukuqhakaza emikhakheni abakuyona intandokazi yalo msakazo, uZimiphi “Zimdollar” Biyela emuva kokunqoba indondo yeWomen in Media, kwiSebenza Women Awards, ebingoLwesihlanu, eGateway Hotel. 

Lo msakazi owenza uhlelo lomculo wesintu oKhozini, uSigiya ngengoma ngoMgqibelo, oluthi Sibhukuda kweSimanzonzo ngoLwesine noluthi Ziyosengwa Yinkehli phakathi nezinsuku uthi sesadlula isikhathi sokuthi umuntu wesifazane ufanelwe wukugana, apheke, awashe athole nabantwana, kodwa useyakwazi ukusebenza, aqhakambise umkhakha akuwona. 

Uthi ukuqhakanjiswa kwabesifazane emphakathini, kuyasiza kakhulu kwabeza ngemuva kwabo ukuze nabo bakhule basebenze, banganciki kwabanye, bakwazi ukuzimela ngokwenza izinto ezigqame ngokuhle emphakathini. 

“Ngibonga kakhulu abaleli bomsakazo, abalandeli bami (Team zimdollar ezakwaSbindigidi) abaqinisekise ukuthi bayangivotela. 

“Le ndondo akuyona eyami kuphela, kodwa ngeyethu sonke njenga-bantu besifazane ababa-mbe iqhaza emkhakheni wezindaba. 

“Ngibonga ozakwethu bakwezinye iziteshi ebengiqokwe nabo, ngiyabahlonipha kakhulu futhi ngiyawuthanda umsebenzi abawenzayo. 

“Sibonga nokuthi bakhona abakuqaphelayo esikwenzayo noma ngabe abanye bengakubukela phansi kube sengathi wumsebenzi ongasifanele, kodwa siyajabula ukuthi kukhona abasibonayo, kungaze kunconywe amagalelo ethu ngoba sesingasekho emhlabeni,” kusho uZimdollar. 

Lo msakazi ubeqhudelana nezinye izintokazi kulo mkhakha okubalwa kuzona uJacinta Ngobese noNomfundo Mkhize beVuma FM. 

Lo mncintiswano ubuqhakambisa abantu besifazane ngokwehlukana kwemikhakha abakuyona kuleli zwe. 

Lo msakazi useveze amakhono amaningi, kubalwa nokulingisa. Usanda kuhlabana ngendondo yeBest Actress kuma-Sabela Mabhunu Awards. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleBesulwe izinyembezi bexhaswa ngo-R9m
Next articleUhlawulisiwe okamaskandi “we-video yocansi”