OwoKhozi FM uqokelwe kowezindondo

709

UZimdollar uthi lokhu kukhombisa ukuthi ababethi uma uyibhinca ohlonishwayo, babephambuka kawusoze waba ngowesifazane 

MTHOBISI SITHOLE

UKHUTHAZA abesifazane ukuba bazethembe umsakazi wohlelo lomculo wesintu, uSgiyangengoma oKhozini FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, oqokwe emkhakheni weBest Woman in Radio kwiSebenza Woman Awards, egqamisa imbokodo ngamagalelo ayo eNingizimu Afrika. 

UZimdollar uthi lokhu kuqokwa kwakhe kulo mncintiswano kuwuphawu lokuthi imbokodo ingagqama ngamagalelo ayo obuqotho. Uthe unesifiso sokuthi kwakheleke kugxile kwabesifazane ukuthi bangagqama badlule abesilisa noma babesezingeni elifanayo nabo.

“Lokhu kuphakanyiswa kwami ngikuthatha ngokuthi ngiphakanyiselwe imbokodo yonkana. Nginikeza abantu besifazane ithemba ngami uqobo ukuthi noma ngabe yini abasafuna ukuyenza ngempilo yabo, isengenzeka uma bezimisele. 

“Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi laba ababethi uma uyibhinca kawusoze waba ngowesifazane ohlonishwayo kwezokusakaza, babephambuka ngoba nakhu-ke manje sekuyenzeka,” kusho uZimdollar. 

Uthi njengoba kuphethwa inyanga yabesifazane, ukuqokwa kwakhe kubalulekile ukuba akusebenzise ukukhuthaza abafisa ukuvela ngamakhono abo. 

Umsunguli walo mncintiswano, uMnu Kini Shandu, uthe izwe kaliyilutho ngaphandle kwabantu besifazane. 

UZimdollar uncintisana noNomalanga Shozi weGagasi FM, uPhindi Khuzwayo weVuma FM, uHope Mbele weGagasi FM no-Carol Offori we-East Coast Radio. 

Ukuvotela owesifazane, ubhala igama lakhe bese uthumela ku-34155 kanti umcimbi uzokuba mhla ka-1 kuMfumfu (October) eGateway Hotel, eThekwini. 

Umnqamulajuqu wokuvota ungoMandulo (September). 

Nyakenye lo mncintiswano wahlonipha ngendondo yeLife Time Achievement Award, umakadebona woKhozi FM, uDudu “Lady D” Khoza.

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKusolwa ubugebengu kubulawa abawu-6
Next articleKusolwa amanga kolweCeltic