OwoKhozi nengoma kamaskandi ebhingqayo

1455

JOHN HLONGWA 

USEQUBULE ukukhuluma umsakazi woKhozi FM, uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela, (osesithombeni) njengoba esolwa ngokugadla nga-mazwi ayiziswana, anokubhingqa phakathi. 

Akucaci ukuthi amazwi akhe uwabhekise kubani nakuba ekhona okusolakala ukuthi uwabhekise kuye okuke kwaba nezinkulumo zokungaboni ngaso linye phakathi kwabo. 

UZimdollar oshayela uhlelo lukaSigiya Ngengoma noTshatha ngoMgqibelo uthuse abathandi nabalandeli bomculo evela ezinkundleni zokuxhumana esestudiyo ecula engomeni kaMbuzeni Mkhize ezibongela. Le ngoma ethi “Umkhumbi kaNoah”, kulindeleke ukuba iphume ngePhasika. Phakathi kwezinhlamvu abezisho ngesikhathi ezibongela, kukhona lapho ethi: “Ngingumshayi we-amoeba ngize ngiyoliphonsa esitokisini. Magadl’ ephindelela njenge-load shedding”. Igama le-amoeba lisetshenziswa ukungcofa umuntu wesifazane onomzimba ongamile kahle. 

Uma le ngoma isiphumile ngokusemthethweni kuzobe kungokokuqala ukuba uZimdollar azwakale emculweni njengoba aziwa ngokusakaza. Akucaci noma ukupikwa kwakhe kule ngoma ka-Mbuzeni sekuwukungena kwakhe emculweni yini kodwa kuzokhumbuleka ukuthi phambilini uke washiya emsakazweni, wajoyina ipolitiki. Wabuye washaya ungqimphothwe wayilaxaza, waphindela emsakazweni. 

ILANGA LangeSontolehluleke lancama ukuthola ukuphawula kukaZimdollar, ukuze acacise ukuthi ngabe ugadla kubani. Izingcingo zakhe ubengazibambi.  

Ethintwa yiLANGA langeSonto uMbuzeni, uthe yena akazi lutho ngabantu abagadlanayo engomeni yakhe, akwaziyo nje wukuthi yena upike uZimdollar, kodwa akanalwazi lokuthi uthini kubani. 

Previous articleZibakitazile izindaba zekhefu lemeya eMnambithi
Next articleIGcokama neziyalo ezijulile kuNtencane