OwoKhozi ucela umkhuleko ngomuga wokushona kwabasakazi

193

LUCKY CAIN 

UCELE kubekwe uKhozi FM emikhulekweni uphathi walo msakazo, uSbongi Ngcobo (osesithombeni), ekhala ngokuthi selulahlekelwe ngabasakazi abathathu esikhathini esingaphansi konyaka. USbongi ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaZanele Mbokazi obengumsakazi walesi siteshi, odlule emhlabeni ngoMsombuluko emuva kokuhlaselwa wumdlavuzo wamaphaphu.

Kule nkonzo ebisezindlini zokusakaza oKhozini eThekwini, uSbongi uzwakalise ubuhlungu abuzwayo ngokuthi uZanele ungumsakazi wesithathu oshonayo kusukela ngoLwezi (November) nyakenye. “NgoNovember besihlangene kanje silahlekelwe ngu-Irvin (Sihlophe), ngoMarch saphinde sahlangana silahlekelwe nguBK (Bheka Mchunu) njengoba manje sesihlangene ngoZanele. Kubuhlungu, kangifuni ukungasho. Siyacela nisibeke emthandazweni ngoba akumnandi uma silokhu sihlangana kanje,” kusho uSbongi.

Phakathi kwabantu abebehambele le nkonzo kubalwa uMfu Hawu Mbatha, uMfu Zulu, uBonga Mpanza, uZamambo Mkhize, uMandla Malakoane, noNgizwe Mchunu ababeyibambe kulo msakazo phambilini. Bekukhona nabaculi be-gospel okubalwa uThinah Zungu, uDumi Mkokstad, uCanaan Nyathi, uThulani “Ga” Ndlela, uBabo Ngcobo noSindi Ntombela.

Previous articleOwoKhozi ucela umkhuleko ngomuga wokushona kwabasakazi
Next articleBayabuya eSwazini abasolwa kwelokubulawa kuka-AKA