OwoKhozi unengwe ‘ukweyiswa’ ngoweSABC

1100

Indaba isuswe yi-profile enkundleni yokuxhumana

LUCKY CAIN

NGUZEAL Dladla othe akazi ukuthi uKini ubeqondeni ngombhalo wakhe

UZIDONSELE amanzi ngomsele umethuli wohlelo lukamabonakude iDaily Thetha esakazwa
kuSABC 1 uKini Shandu, ocasule abalandeli bomsakazi woKhozi FM, bamtinyela, bashiya abangalazi kuye enkundleni yokuxhumana.
UKini owaduma phambilini esakaza kwiGagasi FM uziqhathe nabalandeli bakaZandile ‘Zeal’
Dladla oshayela izinhlelo iKhwezi loKhozi neFak’Umoya oKhozini, ngakubhale kuFacebook.
Indaba isuke ngemuva kokkba uZeal efake i-profile yak kwiFacebook enxusa ukuba aqashwe emicimbini eyahlukene ukuba nguDJ kumbe umphathi wohlelo.
Ngokubona le profile kaZeal, uKini ube esebhala ukuthi lo msakazi ubengenza okungconywana kunale profile.
“Hhayi, you can do a cleaner version of this profile Zeal Dladla,” kubhala uKini kule nkundla yokuxhumana.
Lo mbhalo ube usumdalela amazinyo abushelelezi uKini kubalandeli bakaZeal njengoba
imibhalo elandele lapho ibe isimnaphaza eminye ibimehlisa nesithunzi. UZeal ephendula lo
mbhalo uthe: “Webhuti phuma kimi, angiyena umngani wakho, angazi nokuthi usebenza kuphi noma wenzani ngempilo yakho. Mina I know how to mind my own business and
angincengi muntu…..
So wena uma ushaywe yizinto zakho fela kude le moyo mubi…….”
Kube sekungenelela nabalandeli bakaZeal, bakhwela badilika kuKini, bemchaza njengomuntu onomona futhi ozenza ngcono. Ethintwa uZeal ngalokhu uthe akazi ukuthi uKini ubeqonde ukuthini ngombhalo wakhe.
“Mina angikaze ngihlangane no-Kini, asazani ngaleyo ndlela yokuthi usengakwazi ukuphawula ngale ndlela ekhasini lami enkundleni yokuxhumana, yingakho ngigcine
ngiwucishile nombhalo wakhe ngoba ubudonsa umoya omubi empilweni yami.
“Kanginaso isikhathi sabantu abafika nomoya omubi, ngingumuntu okhonze injabulo ngaso sonke isikhathi,” kuphawula uZeal.
UKini utshele ILANGA LangeSonto ukuthi ubengakuqondile okubi ngombhalo wakhe
kodwa ubesiza njengoba uZeal emthatha njengozakwabo kwezokusakaza.
Utah akayibonanga imibhalo evele ngemuva kombhalo wakhe ngoba ubhale wangabe
esanaka.
“Ngiyasola ukuthi umbalo wami bawuthathe ngendlela engeyiyo uma bephawule ngendlela
yokungithunaza isithunzi kodwa ngisasho namanje bengingakuqondile ngempela okubi noma ukuhlekisa nge-profile kaZeal,” kusho uKini.
UZeal uthi uma uKini ubeqonde ukusiza ubengaxhumani ngani naye ngasese (nge-message) kunokubhala esidlangaleni.
Uphethe ngokuthi akahlangene nokushiwo ngabantu ngoKini ngoba ubengabathumanga ukuba babhale.

Previous articleIChiefs ifuna u-R30 million ngoBilliat
Next articleUkhala ngokuzitshwa opikwe uRihanna