OwoKhozi unqobe waveza eyokufakwa amanzi emadolweni nguTshatha

481

LUCKY CAIN

UMSAKAZI woKhozi FM, uSelby “Selbyonce”  Mkhize, uthi ubengakulindele ukunqoba emunxeni womsakazi ovelele ezinhlelweni zantambama emcimbini weSA Radio Awards, obungoMgqibelo eSandton Convention Centre, eGauteng. 

USelbyonce unqobe emunxeni we-Afternoon Drive Presenter lapho ebeqha-thwe khona nozakwabo ohlelweni lwantamba, uKhathide “Tshatha” Ngobe, uSakina Kamwendo weSA FM noLuks Gidane woMhlobo Wenene FM. 

Ekhuluma neLANGA ngokunqoba kwakhe, uthe ubengakulindele ukuthi uzonqoba njengoba uTshatha noSakina bebemfaka amanzi emadolweni kulo munxa. 

“Lena yindondo yami yokuqala yokusakaza futhi engiyithole emcimbini obheka kakhulu umkhakha womsakazo, kusho lukhulu kimina njengoba ngisenamaphupho amakhulu ngalo mkhakha.” esho. 

Uthe nakuba eseke wayinqoba indondo yeDSTV Viewers’ Choice Awards, futhi waqokwa nakwiSunday Times Next Gen Awards kodwa akufani ngoba kuyiphupho lanoma yimuphi umsakazi ukunqoba kulo mcimbi. 

USELBEYONCE (okwesokunxele) uthi uzakwabo, uTshatha (okwesokudla) abeqhathwe naye, ubemfaka amanzi emadolweni.

Previous articleKabunakwa ubugebengu bezinkampani ezizimele
Next articleIsexwayiso ngobungozi bomphezulu