OwoKhozi usekulungele ukubopha uNdlovu

465

LUCKY CAIN

ISIKHULU sesikhondlakhondla somsakazo Ukhozi FM, uSbongi Ngcobo, sithi sesikulungele ukuthatha igxathu elilandelayo lokubopha uMnu Owen Ndlovu, kulandela ukwephula imigomo yencwadi yesivimbezelo yesikhashana. NgoLwesibili iNkantolo yeMantshi eRandburg, eGoli iguqule incwadi yesivimbezelo yesikhashana kaNdlovu yaba ngeyeminyaka emihlanu emphoqa ukuba angaphinde aphawule ngoSbongi nganoma iyiphi indlela.

Le ncwadi ILANGA elinayo ibhalwe ukuthi uNdlovu akavumelekile ukusabisa lesi sikhulu, ukusihlukumeza, ukuphawula nangoma iyiphi indlela ngaso ezinkundleni zokuxhumana, angasho lutho oluzokwehlisa noma ukudicilela phansi isithunzi ezinkundleni zokuxhumana okubalwa nokuzoqopha ephawula ngaso. Le ncewadi iqhuba ngokuthi uNdlovu akavumelekile ukuthuka uSbongi, ukuxhumana naye noma ngayiphi indlela futhi angamlandeli. Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini le nkantolo yakhipha incwadi yesivimbezelo yesikhashana eyabe inemigomo efanayo kuze kube uNdlovu uvela kuyona nobufakazi obuphathekayo ngezinkulumo ayezisho ngoSbongi ezinkundleni zokuxhumana nakwabezindaba. UNdlovu bekumele avele ngoLwesibili mhla ka-23 kwephezulu kule nkantolo, kodwa wehluleka nokuphoqe le nkantolo ukuba ishintshe incwadi yesivimbezelo yesikhashana yaba ngeyeminyaka emihlanu.

UNdlovu wasola uSbongi ngokuzicebisa yena esebenzisa uhlelo lokuthumela imiyalezo yoKhozi FM uma kumele abalaleli bavote. Waphinde waphawula nangodaba oluthinta impilo kaSbongi yangasese mayelana nokujola nomunye umsakazi, ukulimaza impahla nokunye. Umbango kaNdlovu noSbongi usukela ngomkhankaso wengoma yokuhlukanisa unyaka eyabe yenziwa yinkampani kaNdlovu phambilini. Lo mkhankaso wasusa umsindo kwaze kwaba uNdlovu ufaka inhlangano yezokusakaza iSABC enkantolo, kodwa lagcina liphela leli cala.

Ngemuva kwaleli cala uNdlovu wabe esedlulela kuSbongi enza izinsolo ezahlukene ngalo mkhankaso wakhe kulo msakazo. Ephawula ngesinqumo senkantolo uSbongi uthe njengoba sesidlulile lesi sigaba, usekulungele ukuthatha igxathu lesi sibilo njengoba esezinhlelweni zokumvulela icala lokumehlisa isithunzi nokungcolisa igama lakhe. Uthe uNdlovu wehlulekile wukufika nobufakazi obuphathekayo enkantolo ngezinsolo abezenza ngaye nokuyisona sizathu inkantolo ishintshe incwadi yesivimbezelo yesikhashana kwaba ngeyeminyaka emihlanu.

Uthe kukhona konke uNdlovu abemsola ngakho akukho okuyiqiniso nokuyisona sizathu abona ukuthi kumele amthathele izinyathelo zomthetho. USbongi uthe akayena umuntu ovamise ukuphawula ngezinto ezingenaso isisekelo nezingamampunge kodwa ubona kungcono ukuthi aphawule ngalolu daba njengoba selisezithebeni zenkantolo.

Previous articleBavale isikole befuna kuqashwe othisha
Next articleI-Irvin Khoza ubhonga emswaneni