OwoKhozi uvulele uNdlovu icala

717

LUCKY CAIN

ISIKHULU soKhozi FM, uSbongi Ngcobo, sivulele uMnu Owen Ndlovu icala samfakela nencwadi yesivimbelo ngezinsolo zokusihlukumeza nokuphawula ngaso ezinkundleni zokuxhumana. ILANGA lithole ukuthi uNdlovu uyithole namhlanje ngoLwesibili incwadi emphoqa ukuba angabe esamhlukumeza lo mphathi futhi angaphawuli lutho oluthinta igama lakhe.
Ngokusho komthombo, le ncwadi inxusa nokuthi uNdlovu avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg mhla ka-20 kuNhlolanja (February) nonyaka.

Kuzokhumbuleka ukuthi umbango phakathi kukaSbongi noNdlovu usukela emkhankasweni wengoma yokuhlukanisa unyaka, obizwa ngeSABC Summer Song – owabe uholwa nguNdlovu owashiya angalazi ngoSbongi emuva kokuba lo mkhankaso uhoxisiwe yiSABC. UKhozi – olungaphansi kweSABC – lwaziqhubekela nokuba nengoma ehlukanisa unyaka ngaphandle kwalo mkhankaso. Lolu daba lwaze lwaya ezinkantolo.

NGUSBONGI Ngcobo

ILANGA lithole ukuthi amaphepha athunyelelwe uNdlovu kawahlangene neSABC, kodwa aphakathi kwakhe noSbongi. Kwenzeka lokhu nje, kuzokhumbuleka ukuthi iSABC isanda kukhipha isitatimende ikhuza uNdlovu ukuba ahoxise ukusebenzisa imininingwane enophawu lwayo.


Ethintwa uNdlovu, ukuqinisekisile ukuthi uyitholile incwadi yesivimbelo futhi embizela enkantolo. Uthe ngenxa yokuthi uSbongi usebenzela inhlangano yomphakathi, ngeke akwazi ukungaphawuli ngaye. Utshele leli phephandaba ukuthi naye usehlukumezeke kaningi kusukela kuqale izinkinga zomkhankaso wakhe. Uthe usazoxhumana nabameli bakhe ngale ncwadi ukucaba indlela eya phambili. Uqhube ngokuthi akukho okuzovimba ukuba impilo yakhe iqhubeke kwazise njengomuntu ophila eNingizimu Afrika, unamalungelo kanti-ke, ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana kungelinye yawo. Uveze ukuthi udaba lwakhe neSABC lusekude ukuphela kwazise imkweleta izizumbulu.

NGU-OWEN Ndlovu

Previous articleKuyihlazo ukujahwa ngezinkantolo kobaba abangondli
Next articleKuphelile ngoBravo B kwiBig Brother Mzansi