Owozalo lukaBhekumuzi Luthuli uvuma ingcindezi emculweni

191

LUCKY CAIN

UVUMA ingcindezi yokuzalwa emndenini owaziwa ngomculo, umculi kamaskandi okhombisa ukukhula kulo mkhakha, uSibonelo “Mshini Magudu” Luthuli (osesithombeni) ozalwa ngumfowabo kaBhekumuzi Luthuli (ongasekho). 

Uthi nakuba ezizwa ebusisekile ngozalwa emndenini wakwaLuthuli osukhiqize abanye abaculi abaziwayo, okubalwa kubona uMadlanduna – oyindodana kaBhekumuzi – naMaqhawe AkwaLuthuli, azalwa ngumfowabo, kodwa kunengcindezi ehambisana nalokhu. “Ikhona impela ingcindezi yokuthi ngizalwa emndenini osunegama emculweni. Idalwa ngabasondelene nathi, abahlale befuna ukusiqhathanisa, besitshela ukuthi ngubani ongcono kunobani, okugcina kudala uqhekeko emndenini,” kusho uMshini.

Uthe nakuba kunjalo, kodwa akananxa nabafowabo abasemculweni, wathi okuhle wukuthi bonke badlule esandleni sikaBhekumuzi. “Ubaba omncane ubekuthanda ukuthi sazi ngomculo futhi singene kuwona njengoba kunguyena owangifundisa ukudlala isigingci,” kusho uMshini wodumo lwengoma ethi “Ngidakwa Ngemali Yami” kanti usezinhlelweni zokukhipha ingoma yesibili. 

Uthe ekupheleni kwale nyanga uzokhipha eyesibili, ethi “Ngixolele Mzali”, nayo ekhuluma ngotshwala. Uchaze uhlobo lukamaskandi wakhe njengosondelene nokaBhekumuzi, kodwa kawufani ncimishi njengoba ewenza ngendlela ehlukile ukuze kucace phakathi kwakhe naye. 

Previous articleKunconywe owePirates ngezinkontileka zabadlali
Next articleI-MK isamile esinqumeni sokungayi ePhalamende