Oyifenisha kwiDowns ufunwa yikilabhu yangakubo

178

SENZO SOKHELA

UCATHANYELWA yikilabhu yangakubo uGift Motupa (29) weMamelodi Sundowns, okuvela ukuthi usefake isicelo sokukhululwa kule kilabhu uma kuvulwa iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoMasingana (January).

Selokhu lo mdlali – odabuka eGachoene, eLimpopo – wafika kwiSundowns ngo-2020, udonsa kanzima ukuthola isikimu.

Leli phephandaba lithole ukuthi angase alibhekise kwiSekhukhune United ngoMasingana.

Umthombo weLANGA uthe: “Inkontileka yakhe neDowns iyaphela uma kusongwa isizini. Lo mfana usenele yiSundowns, ufuna ukuya lapho ezothola khona ithuba lokudlala.

“Ukhala ngokuthi iminyaka yakhe yobudala isihambile ukuthi angalokhu ephila kanjena. ISekhukhune iyona kilabhu ehamba phambili kwamfunayo. NeSuperSport United kayizibekile phansi kwazise umqeqeshi wayo uGavin Hunt uyamazi besekwiBidvest Wits.” 

Imizamo yokuthola uShupi Nkgadima wezokuxhumana kwiDowns iphunzile njengoba ucingo belukhala kodwa lungabanjwa. 

senzos@ilanganews.co.za
   www.ilanganews.co.za

Previous articleUhulumeni mawungababukeli phansi othisha
Next articleUchithwe ngumkhwekazi kwesebheyili okhale ngezingane “azondlayo”