qale phansi indaba yokuqothwa kosomatekisi

645

Kusolwa ukuthi ingxabano isuswe wukuhlubuka kwabavule irenke entsha

NDUNA yendawo esigodini sakwaDinuntuli, uMnu Khulekani Sibiya ebinamatekisi. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

MTHOBISI SITHOLE noSKHOSIPHI MTHEMBU

IQALE phansi eyokuqothwa kosomatekisi eNka-ndla, okusolwa umbango wokusetshenziswa 

kwerenke entsha evulwe endaweni yaseKhomfini kuyona le ndawo.

Izolo ngoLwesithathu kudutshulwe injini yale renke, uMnu Khulekani “Buqili” Sibiya okuthiwa kuqhamuke iToyota Fortuner idla amagalane, 

yadedela ngenhlamvu, wathulela khona lapho endaweni yaseSikhaleni. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa uMnu Sibiya ubekade elibangise enkantolo yenkosi yakwaNgono eMfongosi, okubikwa ukuthi njalo ngoLwesithathu kusuke kuwusuku lokuqulwa kwamacala njengoba ebeyinduna yendawo esigodini sakwaDina ku-ward-9.

Umthombo weLANGA obusesendaweni, uthi udutshulwa nje uMnu Sibiya, ubekade emiswe ngomunye wesilisa wakhona endaweni ngenhloso yokuxoxa naye, kanti ngalowo mzuzu kuzoqhamuka iFortuner okusolakala ukuthi beyivele imlalele unyendle.

“Kwenzeka lezi zinto nje, kawukho ngisho umhlangano oxabanise abantu embonini, akukho ukukhombana bukhoma ngeminwe,” kusho umthombo.

Kuthiwa uMnu Sibiya udutshulwe ku-D878, kanti kunezinsolo zokuthi beyingeyodwa imoto ebihambisana neFortuner. 

Kuthiwa kwehle kwiFortuner izinsizwa eziwu-8 ebezigqoke izivikelanhlamvu, zadedela uyaba lwezinhlamvu. Kuthiwa zidubule zaze zayongena emotweni yakhe uMnu Sibiya, zathatha nesibhamu sakhe.

Kwenzeka lesi sigameko nje, kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA libike kabanzi ngalo mbango ngesikhathi kudutshulwa kubulawa uMnu Mandlenkosi Myeza noMnu Mzilikazi Khumalo kuwona lo mzila ngezinsuku ezilandelanayo. 

Ngokuthola kwaleli phephandaba, kuthiwa ukuqala kokuqhubukushana kulo mzila iBhekisizwe Taxi Association, kudalwe wukuhlubuka kwamnye amalungu erenke yaseDolwane, ayovula irenke ebizwa ngeBizimali Taxi Association.

Kuthiwa le renke entsha ivulwe emuva kokwa-khiwa kwebhuluho elihlanganisa iNkandla no-Msinga, okwenza ukuba abantu abaningi baqale basebenzise kakhulu le renke entsha ngoba iya-nqamulela, kwase kuma umsebenzi erenke endala yaseDolwane.

Emasontweni amabili adlule emuva kokubulawa kwamalungu amabili, kuze kwangenelela 

umnyango wezokuthutha esifundazweni, wazama ukulungisa isimo nakuba kungabonakalanga umehluko. 

Kunemibiko ethi amanye amalungu aphunyule ngenhlanhla emasontweni adlule.

UMnu Richman Nzuza ongusihlalo weBhekisizwe Taxi Association, uthe sebezwile ngalesi siga-meko. Udlulise amazwi enduduzo emndenini 

wakwaSibiya. 

Uthi phambilini waba khona umhlangano ukuzama ukuxazulula izinxushunxushu kanti basalinde ukuba kuphinde kuhlale omunye.

“Siyacela kozakwe-thu embonini yamate-kisi ukuthi uma kukhona ukungaboni ngaso linye, kuhlalwe phansi, kuxoxiswane. Sidlulisa amazwi enduduzo 

emndenini wakwaSibiya, sonke silimele,” kusho uMnu Nzuza. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala emuva kokuba owesilisa edutshulwe ngaba-ntu abangaziwa kade 

ehamba ngemoto yakhe.

Previous articleBekungathi wukhetho lwango-1994 beyogomela iCorona
Next articleuKhuzani obishini ngokulingisa uShenge