QHUBEKILE NOMLANDO IMOROCCO

466

IQHUBEKILE nokuqopha umlando iMorocco iba yizwe lokuqala lase-Afrika ukungena kwiSemi Final yeNdebe yoMhlaba yeFifa ihlula iPortugal ngo-1-0 wegoli likaYoussef En-Nesyri ngoMgqibelo e-Al Thumama Stadium, eQatar. I-Atlas Lions njengoba lidume kanjalo iqembu lesizwe laseMorocco – ibe yizwe lokuqala lama-Arab ukudlulela kuma-quarter final alo mqhudelwano. IMorocco izodudulana neFrance emdlalweni wesemi final ngoLwesithathu ngo-21h00. IFrance ingene kulesi sigaba kunzima, ihlula i-England ngo-2-1 ngoMgqibelo.


Lo mdlalo wangoLwesithathu ubhekwe ngabomvu njengoba iFrance kuyiyona evikela le nkomishi, kanti kayilivezi izinyo ezitheni ebhekana nazo kulo mqhudelwano. Emdlalweni we-England idlule kunzima, kwazise amaNgisi anikwe amaphenathi amabili nokho ukaputeni wawo, uHarry Kane, wayishweba eyesibili. IMorocco idale ukukhuluma ngokuwashisa iPortugal ijezi njengoba lo mdlalo uthathwe njengowokugcina wesilomo sePortgal, uCristiano Ronaldo kwiNdebe yoMhlaba. Lo mdlali usanda kuba sematheni exoshwa yiManchester United yase-England ngenxa yokuphimisa amagama alumelayo ngezikhulu nangomqeqeshi wale kilabhu.


Umdlalo weMorocco neFrance uzokwandulelwa ngozokuba kusasa ngoLwesibili ngo-21h00, phakathi kwe-Argentina neCroatia. Nawo lo mdlalo uthathwa njengonzima njengoba iCroatia iguqise iBrazil ngo-4-2 sekukhahlelwa amaphenathi ngoLwesihlanu, kanti i-Argentina ihlule iNetherlands ngo-4-3 kuwona futhi amaphenathi. Amehlo amaningi azokube ethe nje kuLionel Messi ongukaputeni we-Argentina ogila izimanga kulo mqhudelwano. IMorocco ilenyuse kakhulu izinga kulo mqhudelwano njengoba endleleni ebheke kulesi sigaba iguqise iBelgium neSpain okungamazwe adlala ibhola elisezingeni eliphezulu.

Previous article“Bengihlela ukubulala umndeni wami”
Next articleUkhala ezimathonsi ‘odlelwe’ umxhaso