Qinisekisa “impilo” yesitho sangasese somntwana

963

NGUDKT THABILE MTHEMBU

UYALUKHUMBULA usuku umntwana wa-kho ephuma esibhedlela? Sikhuluma ngaleli langa uba ngumzali. Kukhona abangalitholi ithuba lokujabulela lokho ngenxa yokukhubazeka okuthile okwenzeka ngesikhathi umntwana esakheka esibelethweni sikanina, noma kube nezinkinga ezithile esezelwe. 

Lokhu kungadala ukuthi kuthathe isikhashana ukuba uphume nomntwana wakho esibhedlela uma esezelwe, ngoba ku-suke kumele abonwe ngabanye odokotela noma wenzelwe ama- appointment okumele uye kuwo lapho seniphumile.

Lokhu akuwona neze umuzwa omnandi, kodwa kungcono ukuba lezi zinto zibonakale isikhathi singakahambi. 

Izinto okumele abazali bazibheke ezinganeni zabafana ezisanda kuzalwa 

Siyazi ukuthi abahlengikazi nodokotela bayazibheka izingane uma zisanda kuzalwa, kodwa nawe mzali kubalulekile ukuthi uzihlole. Sizoqinisa kakhulu ezinganeni zabafana. 

Siyazi ukuthi abakukhiphi esibhedlela uma ingane ingakachami. Lokhu kusiza ekutheni babone ukuthi ingabe amapayipi nezitho eziwumgudu ohamba umchamo zakheke kahle futhi ziyasebenza yini. 

Kubalulekile nokubheka ukuthi isitho sangasese sibonakala kahle yini ukuthi ngumfana noma yintombazane. 

Siyazi ukuthi ngezinye izikhathi kuyenzenga kube nesitho sangasese esiba phakathi kowesifazane noma owesilisa, futhi uma ingane itholwe zingakapheleli izinyanga eziwu-9, (izitho zangasese) zingamdida ongajwayele ukuzibona. 

Uma kukhona ongakuboni kahle, yazisa umhlengikazi noma udokotela ngaphambi kokuba uphume esibhedlela nomntwana wakho. 

Kumqoka bokubheka imbobo yokuchama

Bheka ukuthi imbobo yokuchama ikuphi, lokhu kubalulekile kakhulu yize kungabukeka kuyinto encane, kodwa kakuyona. 

Imbobo yomchamo kayisizi kuphela ekuchameni kwabesilisa. Kumele sikhumbule ukuthi bona basebenzisa ipayipi elilodwa ukwenza konke. Uma le mbobo ingekho endaweni, siyazi ukuthi phela uma isikhulile ingane, isiyindoda, isidoda ngeke sidubule siye endaweni efanele. Lokho kungadala inkinga yokuthola abantwana esikhathini esizayo.

Izinhlamvu zamankwahla

Bheka ukuthi zikhona yini izinhlamvu zamankwahla. Khumbula, sake sathi kuye-nzeka ingane izalwe zingekho izinhlamvu emasendeni, kodwa ngokujwayelekile uma umntwana esanda kuzalwa sizinika izi-nyanga ezimbalwa ukuba zehle zibuyele esikhwameni sazo. 

Kubalulekile ukwazisa udokotela noma umhlengikazi uma zingehlile izinhlamvu za-masende esikhwameni sazo, ukuze akucebise ukuthi kumele wenzenjani. Isikhathi esiningi sizinika unyaka ukuthi zehle. Uma kwenzeka zingehli kuze kuphele unyaka, ingane ingadinga ukuhlinzwa.

Ukugoba kwenduku

 Bheka ukuthi induku yengane kayigobile yini. Induku egobile ingahambisana nezinye izinkinga noma yenze ukuthi umchamo uchitheke kabi futhi lokho kungadalela ingane inkinga yokukhulelisa uma isindala.

Khumbula ukuthi kuwumthwalo wabazali bobabili ukubheka lezi zinkinga enganeni.

Uma unesifiso sokusoka,

uDkt Thabile Mthembu ukwenza mahhala lokhu kepha kumele ufone kuqala ukubhu-kha. Usebenzela eBlue Clinic, eMaxwell Centre ngaseCity Hospital, eThekwini. Utholakala enombolweni ethi: 031 309 1832.

Uyatholakala nasezinkundleni

zokuxhumana ngala madilesi:-

Instagram: @the.blue.clinic

 Instagram: @the_blue_clinic

 Facebook: @The Blue Clinic by Dr Thabile

Youtube: @The Blue Clinic Dr Thabile 

www.ilanganews.co.za

Previous articleWesaba ukufa owabulala abangani
Next articleI-IFP ibonga ukwesekwa ngokukhothama kukaShenge