Samukelwe ongo-elethu isiphakamiso ngokuhlonishwa kukaNgema

225

LUCKY CAIN 

SAMUKELWE ngo-elethu isiphakamiso sezikhulumi ezahlukene enkonzweni yomngcwabo kaMbongeni Ngema, ngoLwesihlanu e-Inkosi Albert Luthuli – International Convention Centre (ICC), eThekwini, sokuthi isikhungo semidlalo yeshashalazi, iThe Playhouse, siqanjwe ngale ngwazi edlule emhlabeni ngeledlule engozini yemoto. Kulezi zikhulumi kubalwa uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, uMnu Zizi Kodwa noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube. 

UKodwa uthe kusukela uNgema edlulile emhlabeni, sebethole iziphakamiso ezahlukene ngokuhlonishwa kwakhe, kubalwa nesithi kumele kuqanjwe ngaye elinye lamahholo angaphakathi eThe Playhouse.

“Esinye esisitholile ngesokuthi kube nomfuziselo kaNgema ngaphandle kwale ndawo,” esho. 

Uthe kuyamkhathaza ukuthi esikhathini esiningi eNingizimu Afrika abantu bahlonishwa sebedlulile emhlabeni.

“Ngiyafisa ukuthi labo abenze kahle sibanike izimbali besakwazi ukuzinuka. Kumele sikwazi ukuthi siqambe izindawo nemifula ngabo ukukhombisa ukuthi siyayiqhakambisa imisebenzi yabo emihle abayenzela elakuleli,” esho.

UNkk Dube-Ncube uthe uyakwamukela ukuthi le nkakha ihlonishwe ngemisebenzi yayo. Uthe uyafisa nokuthi emcimbini wokukhumbula iMpi yaseSandlwana, ikhunjulwe le ngwazi njengoba uyisemkhulu, uSgcwelegcwele Mngadi, wayeyingxenye yamabutho leSilo uCetshwayo.

Ngakolunye uhlangothi, uNhlanhla Ngema okhulumela umndeni wakwaNgema, uthe bayasijabulela isiphakamiso sokuthi kwenziwe lezi zinguquko kwazise amagalelo omfowabo ayazikhulumela. 

UNgema uzakhele udumo ngemisebenzi eyahlukene, ikakhulukazi kwezeshashalazi njengoba wakhiqiza imidlalo iWoza Albert, Asinamali, iSarafina, iMaria Maria, Imbube, iThe Zulu, iLion Of The East neminye. Nasemculweni ukhiqize amanoni ashise izikhotha okubalwa iStimela saseZola, iFreedom Is Coming Tomorrow neWeMadlokovu. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleUsegxile kwelama-solar umaskanda “ovinjwa” nguSomnandi
Next articleUmbuso uphikisa isicelo sebheyili yekhansela leDA kwelokufa komndeni