Bebekhala ubumayemaye kutholakala ezinye izidumbu
SKHOSIPHI MTHEMBU
izithombe ngu: Sandile Makhoba
KUZWAKALE amazwi osizi abesifazane bebubula, bezwakalisa uvalo nokuhlukumezeka kwabo ngesenzo “sikamalugaju” ogadla ephindelela eMthwalume njengoba izolo ngo-Lwesithathu kutholakale isidumbu sesi-6 sowesifazane esimobeni, sidatshulwe esifubeni kwafakwa isikhindi sakhe sangaphansi enxebeni.
Kutholakala lesi sidumbu nje, umphakathi wakule ndawo ubusababaza, kwazise ngoLwesibili kutholakale esikaNkz Zama Chiliza (39) eduze kwalapho kutholakale khona esayizolo. Nalezi ezinye eziwu-4 zatholakala kulesi simoba.
UNkz Chiliza utholwa nje ubegcine ukubonakala mhla ka-6 kuNcwaba (August) ehamba nengane yakhe eyohola imali yesibonelelo. Kubikwa ukuthi ingane yangena esitolo sokudla khona eMthwalume iyothenga, yaphuma engasabonwa nangokhalo.
Isidumbu sakhe sitholwe ngabesifazane abebetheza izinkuni, abazithele kophaqa abebelahlwe eduzane nalapho isidumbu sikhona. Kuthe uma besondela, bezwa iphunga, okuyilapho bezithele phezu kwesidumbu sakhe simbozwe ngamahlamvu.
UMnu Lucky Bhuyeni ongusihlalo weCommunity Policing Forum eMthwalume, uthi ubedlula kule ndawo ngesikhathi ebona laba besifazane abebetheza, bemisa imoto yakhe.
“Sengimile, bangikhombise lapho bebone khona isidumbu ngaya khona, nebala ngasifica simboziwe ngamahlamvu. Ngibe sengishayela amaphoyisa,” kusho yena.
Izolo uNkz Londolo Zungu oyimeya yaseMzumbe lapho uMthwalume ukhona bekulindeleke ukuba ayokhalisa umndeni kaNkz Chiliza, okuthe esalindile egcekeni lakhona, kwangena ucingo lubika ngesinye isidumbu esitholwe eduze kwalapho kutholakale khona esikaNkz Chiliza.
Kugcine kuphoqa ukuba imeya ishiye konke iphuthume endaweni yesigameko. Indlela isimo ebesimuncu ngayo, usizi belubhalwe ebusweni emalungwini omphakathi azifikele wona emuva kokusabalala kwezindaba zokutholakala kwesinye isidumbu.
“Saze safa, kodwa senzeni kangaka! Lo muntu akasadeli yini?” Lawa ngamazwi amanye amalungu omphakathi abesendaweni yesigameko. Umphakathi ugcine uziduduza ngokucula amaculo okuhlanganisa nelithi, “Senzeni na – isono sami wukuba ngumuntu wesifazane.”
Bebeholwa yiyona imeya. Kwenzeka lokhu nje, kuzokhumbuleka ukuthi ILANGA selibike kaningi ngokutholakala kwezidumbu zabesifazane kule ndawo okusolwa ukuthi baqale badlwengulwe ngaphambi kokubulawa. Phakathi kwezidumbu esezitholakele kubalwa esikaNkz Akhona Gumede (25), uNosipho Gumede (15), uNkz Neliswa Dube (22) nesiNkz Baja Duma. Lezi zidumbu zitholwa nje, isishoshovu somphakathi uNkz Hlengiwe Gambushe, sibhekene necala lokuphula imithetho yokuvalwa kwezwe emuva kokuba sisolwe ngokuhlela umbhikisho wangenyanga edlule lapho umphakathi wawukhala ngamaphoyisa akule ndawo ngokuzithela ngabandayo ngodaba lokubulawa kwabesifazane kule ndawo.
UNkz Zungu uthe udaba lokuboshwa kukaNkz Gambushe lungenye yezinto ezizodingidwa emhlanganweni ophakathi kwakhe namaphoyisa akule ndawo.
“Siyazi ngesikhalo somphakathi mayelana nodaba lokungenami ngamaphoyisa aseHibberdene. Ngikhuluma nje, sinqume ukuthi njalo ngenyanga sibe nomhlangano nawo lapho ezobe ezosazisa ngokhalo aseluhambile mayela nophenyo.
“Umphakathi ukuvezile ukuthi kawusawethembi amaphoyisa akule ndawo, okwenze savumelana nawo ukuthi okugcono mawashintshwe ayosebenza kwezinye iziteshi bese lapha kulethwa amanye aqhamuka kwezinye izindawo,” esho
UMnu Mntomuhle Khawula oyilungu lesishayamthetho saKwaZulu-Natal ngaphansi kwe-IFP naye ozifikele mathupha endaweni yesigameko uthe sebewudlulisile umbiko mayelana nodaba lwalezi zigameko ezilokhu zenzeka kule ndawo.
“Naphambilini uke wafika uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele ngesikhathi kubulawa abantu KwaQoloqolo emuva kokuba singenelele.
“Namanje sesiwudlulisile umbiko ukuze nasePhalamende luzofinyelela lolu daba ngoba kuyasikhathaza ukuthi kulokhu kuqhubeka ukubulawa kwabantu besifazane ngale ndlela,” kusho yena.
UCol Thembeka Mbhele okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe sekuqokwe ithimba elizophenya ngalezi zigameko. Uthe isidumbu esitholwe ngoLwesibili besiklinywe ngobhodisi. Uthi okwamanje ngeke bakwazi ukuqinisekisa ukuthi ngabe ngumalugaju yini lona owenza lokhu.
umehlokaboni ka-R20 000 “ngomalugaju”
NOMFUNDO NGWANE
UKUDIDWA wumkhondo kwamaphoyisa aseHibberdene mayelana “nomalugaju” obhubhisa abantu besifazane eMthwalume, sekwenze usomabhizini wasoThuthwini, khona eMthwalume, wazidela wakhipha umehlokaboni ozotholwa ngumuntu oyosiza kubanjwe umbulali.
UMnu Sya Gasa (38) ongumnikazi wepulazi lomoba okutholakala kulona izidumbu, uveze lokhu izolo ngoLwesithathu emuva kokuba kutholakale esinye isidumbu sidatshulwe esifubeni sashuthekwa isikhindi sangaphansi.
Lezi zidumbu zilandela ezine ezitholakale esikhathi esingangenyanga esedlule. UMnu Gasa uthi ngaphezu kwalo R20 000, usehlele ukuqasha ithimba labaphenyi abazimele ukuba liphenye ngokushesha, lizokhokhelwa nguyena.
Uthi kumzwise ubuhlungu obukhulu ukubulawa kwabantu besifazane ngale ndlela, baphinde bayolahlwa epulazini lakhe.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukutholakala kwalezi zidumbu. uthe: “Lokhu okwenziwe nguMnu Gasa akuluphazamisi uphenyo lwamaphoyisa ngoba yinto azenzela yena ngokuthanda kwakhe.”
nomfundo@ilanganews.co.za