NOMFUNDO NGWANE
USAZOQHUBEKA nokubhadla esitokisini “umama webhantshi” obhekene namacala okwakha uzungu lokubulala abantu ayesondelene nab kubona okukhona nodadewabo njengoba amacala okubulala abhekene nawo ezoze aqale ukuqulwa ngoMbasa (April) wangonyaka ozayo. UNkk Nonhlanhla Mbhele, uMaXolo ubevele noMnu Mthofi Msipha eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesibili mayelana noxhaxha lwamacala okwakha uzungu lokubulala abantu abasondelene naye ayebakhave ngomshwalense wokufa. Icala labo lihlehliselwe umhla ka-11 ku-April (Mbasa) kuze kube wumhla ka-2 kuNhlaba (May). UNkk Mbhele wayeyilungu eliqavile lebandla lama-Africa, kwa-P, eMlazi.
Ubhekene namacala okuthenga izinkabi ukuba zidubule zibulale udadewabo, uNkz Zandile Xolo, usibali wakhe uMnu Thulani Cele, yindodana yomngani wakhe ayekhonza naye, uMnu Thamsanqa Mthembu nomyeni wakhe uMnu Mzomunye Mbhele. Bonke abafi kuthiwa wayebakhavile, ubabulala nje, wayefuna inkokhelo yomshwalense ewu-R100 000 umuntu emunye. Kuthiwa amaqhinga wayewakha noMnu Msipha, okunguyena owayemfunela izinkabi ezizokwenza umsebenzi. ILANGA selibike kaningana ngodaba lukaNkk Mbhele. Kule mibiko yalo kwavela ukuthi waqala ngokuthengela umyeni wakhe izinkabi, zamdubula zambulala besemzini wabo.
Kwaphela isikhashana wabuyela kubo wayohlala khona, wafike wakhava bonke abantu asondelene nabo bengazi, okubalwa namalungu ebandla lakhe nezingane zabangani bakhe. Kwavela ukuthi walandelisa ngokuthenga izinkabi ukuba zibulale udadewabo, owadutshulwa ngezinhlamvu eziwu-12 ekuseni ngovivi eya emsebenzini ngoNtulikazi (July) ka-2019. Emuva kwalokho, kwabulawa uMnu Cele noMnu Mthembu nabo okwatholakala ukuthi wayebakhavile. Ithumba laze labhotshozwa yinkabi eyayikhala ngokuthi isikhathele wukubulala abantu ekubeni uNkk Mbhele engayikhokheli imali abavumelene ngayo. Amalungu omndeni kaNkk Mbhele abephume ngobuningi bawo ngoLwesibili enkantolo, aveze ukuthi aselubheke ngabomvu usuku lokuqulwa kwecala.