NONHLAKANIPHO SHINGA
KAWUKALILAHLI ithemba umndeni wakwaNtombela eMthunzini, ngendodana yawo enyamalale eminyakeni emibili edlule ngosuku lwayo lukuzalwa njengoba uthi namanje usanethemba lokuthi uyogcina uyitholile noma yithambo layo okungenani. Lo mndeni uthi usuyibheke yonke indawo indodana yawo uMnu Lindani Ntombela (23), abagcina ukukhuluma naye ngomhlaka 24 kuMandulo (September) 2022 ngosuku lwayo lokuzalwa. ULindani unyamalale enza unyaka wakhe wokugcina esikhungweni semfundo ephakeme i-Durban University of Technology (DUT), enza i-Diploma in Civil Engeneering.
ILANGA likhulume noNkz Nokuthula Ntombela ongudadewabo, othi ngemuva kokuba bekhulume naye ngomhlaka 24, kudlule izinsuku ezimbili bathola ucingo oluvela komunye umfundi owayehlala naye uLindani ethi kabamazi ukuthi ushonephi, kuyabathusa ngoba akayena umuntu ohamba angasho.
“Sithole lolo cingo umngane wakhe lona ekhala ngokuthi kakujwayelekile ukuthi uLindani angasho ukuthi uyaphi, noma eya ezihlotsheni uyasho. Sibe sesisukuma ngaleso sikhathi saqonda khona lapho ayehlala khona siyobheka, safike sathola ukuthi zonke izinto zakhe ziphelele, isikhungo sibe sesisibonisa i-video yakhe ephuma e-Res ephethe ifoni kuphela kubonakala ukuthi kakukho lapho ayeya khona,” kusho yena.
Uthi babe sebebika emaphoyiseni ngokunyamalala kwakhe okuze kube yimanje kawukho umkhondo owake waqhamuka ngemuva kwalokho.
“Noma kungekho okubambekayo okusinika ithemba kodwa siyathemba ukuthi ngelinye ilanga siyolithola ithambo lakhe uma kungukuthi akasekho emhlabeni. Siyafisa ukuthi uma kukhona abangaba nomkhondo ngokwenzeka kuye ukuba baxhumane namaphoyisa ngoba iyohlale iyisilonda kuthina indaba yokunyamalala kwakhe, singazi ukuthi kwenzakalani,” kusho yena.
UNkz Ntombela uthi babheka kuzona zonke izibhedlela, yisemakhazeni, ngisho ezitokisini kakukho la bengazange bambeke khona.
“Siye ngisho kubantu abahlolayo ngokwesintu basitshela ukuthi bambona esaphila lapho ekhona kodwa futhi kakukho okunye abakushoyo. Siyacela nje noma ngabe ngubani ongakwazi ukusilekelela asilekelelele,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe okwamanje kawukho umkhondo omusha abaphoyisa anawo ngokunyamalala kukaMnu Ntombela.
nonhlakaniphos@ilanganes.co.za