Sebelahle ithemba ngowathunjwa esolwa ngokweba imfuyo

438

SKHOSIPHI MTHEMBU 

USULAHLE ithemba umndeni wakwaDlamini, KwaPhuzumoya Farm, eHowick ngendodana yawo othi yathunjwa phambi kwawo ngumuntu owaziwayo – ngoba esolwa ngokweba izimbuzi – eminyakeni engaphezulu kwemibili edlule. 

Umndeni kaMnu Zamokuhle Dlamini, ukhala ngokuthi umuntu owabonakala ethumba indodana yawo uyachanasa, akakze aboshwe. Uthi wazama ukungenelela ngosuku eyathunjwa ngalo, kodwa wehluleka. 

UNkz Lina Zondi, ongunina kaZamokuhle, uthi sebebheke yonke indawo kodwa lutho.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe likhona icala lokuthumba elavulwa, futhi uphenyo lusaqhubeka. Uthe umndeni uma unemibuzo noma kukhona ongeneme ngakho, kumele uye ku-branch commander, uma ungasizakali lapho, udlulele kumphathisiteshi.

Previous articleIsewumqansa eyosuku lokukhumbula amadlozi
Next articleSilindeleke kule nyanga isinqumo sebheyili koluka-AKA