MTHOBISI SITHOLE
AMAGEJA asesensimini kubafundi bezikole ezahlukene bakamatikuletsheni wangonyaka ozayo abahlanganyela eNanda Comprehensive High, eNanda, eThekwini befunda iMathematics ne-Accounting, ukwenzela ukuthi kufika unyaka ozayo kube sekulula.
Lolu hlelo luqalwe nguthisha wase-Adams College, uMnu Mpilwenhle Shoba oqashwe yisigungu sesikole, othi lokhu ukwenza ngokubambisana nesekela likathishanhloko waseNanda Comprehensive, uMnu Sicelo Sithole ofundisa i-Accounting.
Umnu Sithole ubuye ahlole ezikhungweni uma kumakelwa umatikuletsheni ngenxa yamagalelo akhe amahle kwi-Accounting.
UMnu Shoba uthi ukuzinikela kwakhe ekufundiseni abafundi ngalesi sikhathi, yingoba unesifiso sokwenza umehluko empilweni yabafundi njengoba iCovid-19 ibalimazile abakamatikuletsheni wakulo nyaka.
Utshele leli phaphandaba ukuthi njengoba sebeqalile besebenza, bazovala maduzane besebebuya futhi abafundi mhla ka-3 ngenyanga ezayo kuqhutshekwe.
“Sengibakhiphile o-A abaningi kwi-Maths, yingakho ngibone kukuhle ukuba lokhu engikwenza e-Adams ngikudlulisele nakwezinye izikole.
“Empeleni kangikaze ngizibone nginguthisha ngoba ekuqaleni kwami ukufundisa, ngangivakashele umngani wami esikoleni somsakazi woKhozi FM, uBheka “Beekay” Mchunu esibizwa ngeKZN Matric Excelence, esilekelela abafundi abasuke bengaphasanga umatikuletsheni befuna ukulungisa izifundo.
“Kwathi uma ngifika khona, umngani wami wathi mangibambe ngoba uthisha owayefundisa iMaths wayengekho ngaleso sikhathi. Umngani wami wayengazela iMaths yize mina ngangenza i-Bcom Accounting e-Unisa nayo engingayiqedanga. Ngesikhathi ngibambile, izingane zaphasa ngamalengiso, lavela lapho-ke ikhono lami, wangiqasha uBeekay.
“Kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngacelwa nakwezinye izikole, okubalwa kuzona iZwelibanzi High neMvaba High ukuba ngizolekelela,” kusho uMnu Shoba.
Uthi isifiso sakhe wukuthi uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal umnikeze esinye sezikole esezavalwa ngenxa yokwehlelwa yisibalo sabafundi ukuba asebenzele kusona ngokusemthethweni. Uveze ukuthi ukulekelela abafundi kusuka othandweni futhi akaphoqi abazali ukuba bamnike imali kodwa abanothando lwalokho bayamupha umnikelo ka-R400.
“Kayikho ingane engiyixoshayo ekilasini ngoba ingenayo imali. Njengamanje singena u-7 ekuseni siphuma ngo-5 ntambama. Ngikubone kubalulekile ukuthi abafundi balekelelwe isikhathi sisavuma ngoba kubuhlungu uma ingane ingasaphasanga sekumele iyofuna izikole zokulungisa imiphumela ukuze yamukelwe enyuvesi.
“Kukho konke lokhu esikwenzayo nalaba engibambisene nabo, okubalu-lekile wukuthi silekelele umfundi ukuze abhale kahle ekupheleni konyaka,” kusho uMnu Shoba.
Uveze nokuthi uhlelo lwakhe kalugxilile kumatikuletsheni, kodwa nabafundi bakwaGrade-11 banamakilasi abo. Okwamanje balinganiselwa ku-150 abafundi bezikole ezahlukene abafunda ngaphansi kwalolu hlelo.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bayakweseka kakhulu okwenzekayo njengamanje eNanda ngoba kuzosiza kakhulu abafundi.