Sebethelekile abaholi beBrics

219

BHEKI NDLOVANA

SEBETHELEKILE eNingizimu Afrika abaholi bamazwe abazokwethamela ingqungquthela yeBrics (Brazil, Russia, India, China neSouth Africa), eyenzelwe eSandton Convention Centre. eGoli. Phakathi kwabaholi asebethelekile; nguMengameli waseChina, uMnu Xi Jinping (osesithombeni), ozoshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa njengoba enezinye izinhlelo zomhlangano oseceleni noMengameli Cyril Ramaphosa, omayelana nezingxoxo zokuqinisa ubudlelwano beNingizimu Afrika neChina. Indiza ebihamba uMnu Jinping, ifikele esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International.

UMengameli waseBrazil, uMnu Lula da Silva, naye usethelekile kuleli. Wemukelwe nguNgqongqoshe wezobuDlelwano namaZwe nokuBambisana, uDkt Naledi Pandor.

Ithimba lezithunywa zaseRussia liholwa nguMnu Sergey Lavrov ongungqongqoshe wezamazwe angaphandle eRussia, naye osethelekile kuleli. UMnu Lavrov umele uMengameli waseRussia uMnu Vladimir Putin ongakwazanga ukuza, kodwa ozokwethamela ingqungquthela ngokobuchwepheshe besimanje (virtual).
Indiza ebithwele uMnu Lavrov ifikele esikhumulweni sezindiza zombutho wezokuvikela, iWaterkloof Airforce Base, ePretoria.

Omunye wabaholi asebekhona, nguMnu Jean-Michel Sama Lukonde, ongundunankulu waseDemocratic Republic of Congo (DRC). Indiza yakhe ifikele esikhumulweni sezindiza iLanseria International. Baningi nabanye abaholi abazobe beyingxenye yale ngqungquthela, nezinye izikhulu ezivela emazweni ehlukene.

Phakathi kwezinto eziphambili okubhekwe ukuba zidingidwe kule ngqungquthela, wukuqinisa ukubudlwano bezohwebo phakathi kwamazwe ayingxenye yeBrics nokudingida ezithinta ukukhuliswa kwalo mfelandawonye njengoba kunamanye amazwe afuna ukuba yingxenye yawo. Ukuqala kohlelo lwale ngqungquthela kwendlalelwe wumhlangano wezamabhizinisi iBrics Business Forum. Ngokwezinhlelo, ingqungquthela izophuthulwa ngoLwesine kulo leli sonto.

Previous articleUthi akakugqizi qakala okushiwo ngaye
Next articleI-PSL idalule izinsuku nezinkundla zama-semi final eMTN8