SEBETHEMBE INGALO YOMTHETHO KWELOKUBULAWA KWENDODANA

239
NGUMNU Sgwili Khuzwayo odutshulwe wabulawa phambi kwabangani bakhe.

ZUZIWE KAMAHADEBE
USADUNGUZA ebumnyameni umndeni waKwaKhuzwayo, eFolweni, kulandela ukubulawa ngesihluku kwendodana yawo edutshulwe ngentululwane yezinhlamvu phambi kwabangani bayo ngoMgqibelo. Umndeni kaMnu Sgwili Khuzwayo (29), uthi lesi sigameko senzeke ebusuku kade indodana yawo ihleli nabangani bayo bephuza egwaqeni. Lo mndeni uthi usuthembele emaphoyiseni ukuthi azolwenza uphenyo oluzogcina luvezile ukuthi ibulawelweni indodana yawo.


UMnu Mnqobi Khuzwayo, ongumfowabo kamufi, ulandise ILANGA ngokwenzekile ngesikhathi kuhlaselwa umfowabo. Uthi ababulali bamfice onqenqemeni lomgwaqo ehleli naba-ngani bakhe. Uthi naye ubekade ehleli nabo egwaqeni wahlulwa wubuthongo wayolala. “Wenze okungajwayelekile ngosuku abulawe ngalo, ubelokhu engibelesela ngokuthi ucela ngimthengele ibhodlela lotshwala okuyinto angajwayele ukuyicela kumina. Ngigcine ngilithengile saphuza kwaze kwafika abangani bakhe, ngabashiya sengiyolala.


“Ngiphaphame sekuduma izulu lezandla, lisho liphindelela, ngivuke ngaqala ngalinda kancane ngaphambi kokuba ngiphume ngiyobheka ukuthi kwenzekani. Ngibe sengizwa umsindo usuqhuma phezulu, sekukhalwa. Kuthe uma ngiphuma ngafica indodakazi yami igone umfowethu sebegcwele igazi esedubulekile,” kusho yena. “Namanje sisazibuza siwumndeni ukuthi yini le engaka ayenzile kuze kudutshulwe yena, futhi bambone kanjani ukuthi nguyena abamfunayo ngoba besekumnyama,” kusho uMnu Khuzwayo.


UNkz Thandekile Khuzwayo, uthe indodana yakhe ibingawuthandi umsindo. Uthi ngaphambi kokuba kwenzeke lesi sigameko umoya wayo ubuphansi, ingafani nezinye izinsuku. Uveze nokuthi ngalo lolu suku ibilokhu ixolisa kuyena nobekumxaka ngoba ubengazi ukuthi ixoliselani. “Ngithe uma ngifika endaweni yesigameko ngamfica esethule, ababulali benze isiqiniseko sokuthi bamshiya esethule,” kusho uNkz Khuzwayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, Col Thembeka Mbhele, uthi amaphoyisa avule icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.

Previous articleBakhala ngezokuphepha e-UniZulu
Next articleZibondiwe emisakazweni yakuleli