Sebethembe uMchunu ngenkinga yobugebengu bokuweliswa kwezimoto abaseMkhanyakude

155

PHUMLANI GAMA

ZIHLELA ukuhlangana noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Senzo Mchunu, izinhlangano ezisekhaleni lempi yobugebe-ngu basemngceleni, obuhlalise lubhojozi imiphakathi yaseMkhanyakude. UMchunu ungomunye wongqongqoshe bekhabhinethi emenyezelwe nguMengameli Cyril Ramaphosa ngeledlule. Uthathe isihlalo obekuqhwakele kuso uMnu Bheki Cele. 

ILANGA lihoshe ukuthi izinhlangano ezilwa nobugebengu, zihlela ukunika uMchunu uhlu lwezikhalo nezinto ezikholwa wukuthi kumele azisebenzise ukuze ezophumelela ukunqoba impi yalobu bugebengu. Sekukaningi ILANGA libika ngokudunwa kwezimoto zakuleli okusolwa ukuthi ziweliswa umngcele ziyiswe eMozambique nakwamanye amazwe, okubalwa kuwona iMalawi. 

Leli phephandaba lixhumane noMnu Joseph Ngubane ongusihlalo wophiko olulwa nobugebengu bokuntshontshwa kwezimoto zakuleli, okuqinisekisile ukuthi bahlela ukuhlangana noMchunu. 

Uthe bakholwa wukuthi uzowenza ngempumelelo umsebenzi wakhe uma elalela imibono yezakhamizi. “UMchunu uyayazi inkinga yokuweliswa kwezimoto futhi unalo nolwazi lokuthi izimoto zabantu bakuleli zikhonjwa kuleliya lizwe, futhi ezinye zazo zihamba iziphathimandla zakhona. 

“Sinezinsolo eziqinile zokuthi udaba lokubuyiswa kwezimoto lubanjwe ehhovisi likamengameli wakuleli. Thina sidinga ungqongqoshe ozohambisana nathi, hhayi laba abebelokhu bekhuluma udaba lokubuyiswa kwezimoto zakuleli kodwa okuze kube yinamuhla akukho ngisho neyodwa ebuyile. Kasimdingi ungqongqoshe okuzothi uma sicela ukuhlangana naye eMbazwane yena ashintshe indawo, asibizele eJozini,” kusho uNgubane.

www.ilanganews.co.za

Previous articleBekuyindawo yabantu abanobuntu iNtshanga
Next articleUNgqongqoshe wezoLimo uthembisa ukuba “yingqwele” yabalimi abamnyama