Sebethembe umphumela wokuhlolwa kwesidumbu koquleke enkundleni

245

NONHLAKANIPHO SHINGA

SEKWETHENJWE umphumela wokuhlolwa kwesidumbu mayelana nokushona kukaMnu Emmanuel Ngema (65), (osesithombeni) oquleke enkundleni ngesikhathi kunemidlalo yezaguga ebihlelwe wuMasipala Inkosi uMtubatuba, ngeledlule, waphuthunyiswa emtholampilo wafike washonela khona.  

Umndeni wakwaNgema eMapheleni, eMtubatuba, uthi unethemba lokuthi uzozithola izimpendulo zokuthi kwenzekeni kumufi –  obengunozinti kule midlalo – uma sekuphume imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu sakhe.  

ILANGA likhulume noNkz Nothando Ngema, oyindodakazi kamufi, othe: “Sithole ngomyalezo obewuthi uphuthunyiswe emtholampilo, wafike washonela khona. “Kuyasixaka ukuthi ngabe kwenzekeni ngoba ngaphambi kokuba bayodlala imidlalo lena, bayaxilongwa kanti ezinsu-kwini nje wayekade esemtholampilo waxilongwa, kwatholakala ukuthi konke kuhamba kahle.”  

Uthi batshelwe ukuthi uNgema uvele waquleka ngesikhathi kusadlalwa, esepalini, futhi ibhola belikude naye.

ILANGA likhulume nemeya yalo masipala, uMnu uMxolisi Mthethwa, ethe le midlalo ngeyokukhuthaza abantu abadala ukuba bangahlali emakhaya bengenzi lutho, kodwa baqhubeke nokuzivocavoca. “Sizwile ngokwenzeke kuNgema, sikhalisana kakhulu nomndeni wakhe. Nathi sinethemba lokuthi uma sekuhlolwe isidumbu, uzoba nolwazi ukuthi kwenzekeni kuye,” kusho yena.

UMthethwa uqhube wathi njengomasipala sebexoxile nomndeni, bavumelana ngokuthi bazolekelela kanjani. “Siyacela ukuthi abantu abadala kungabe sekuyabathusa lokho ngoba kubalulekile ukuthi bazivocavoce ukwenzela ukuthi bahlale bephilile kwazise kusiza ekutheni bangahlaselwa yizifo kalula,” kuqhuba uMnu Mthethwa. 

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko, uMnu Mntomuhle Khawula, uhambele umndeni wakwaNgema ngoLwesibili eyobhonga emswaneni.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za 

Previous articleYizinkulungwane ezilengelwa yingozi yokudatshulelwa omazisi
Next articleOkwenzeke kuRebecca kwenze oweJoyous “wakhipha izifundo zamahhala” ngesiteji