Sekudlule omunye umsakazi woKhozi FM

509

INTATHELI YELANGA

SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komsakazi wezemidlalo oKhozini FM, u-Irvin Sihlophe (42) (osesithombeni). USihlophe ongowokuzalwa eHarding, udlule emhlabeni izolo kusihlwa emuva kokulaliswa esibhedlela ehlaselwe wunhlangothi. Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe ngumphathi woKhozi FM, uSbongi Ngcobo. Kudlula uSihophe nje, lo msakazo ulahlekelwe nguBongani Mavuso oshone ngonyaka odlule.

Previous articleBasenethemba lokuyithola  iphila ingane enyamalele
Next articleKusolwa umnyango ngokuzithela ngabandayo ezinkingeni zesikole sothisha abalovayo