Sekufakwe iSikebhe esikoleni sempi yezigodi

231

MTHOBISI SITHOLE

KUFAKWE inhlangano elwa nokwebiwa kwemfuyo nobunye ubugebengu, iSikebhe, eMuden Combined School, eMvoti, okuthiwa cishe sekuyophela unyaka ivaliwe ngenxa yokulwa kwabafundi ngokwezigodi, okuyiNkanini neMsamo.

Umthombo weLANGA uthi kuvikwa izikhali kulesi sikole, okwenze othisha badliwa yingebhe. Kuvela ukuthi impi yaqubuka emuva kokuba omunye wabafundi elahlekelwe wumakhalekhukhwini, walanda abangakubo, kwalwiwa.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole, futhi oyikhansela lendawo, uMnu Sjula Myaka, uthe sebezamile ukuyixazulula lempi. Uthe uma kuvulwa izikole, kulindeleke ukuba isimo sibuyele kwesejwayelekile. Uveze ukuthi emhlanganweni womphakathi kuvunyelwanwe ngokuthi kufakwe iSikebhe kulolu daba. Uqhube ngokuthi umfundi owuhlupho esikoleni, uzobikwa kule nhlangano imlande, aqondiswe ubugwegwe. “(ISikebhe) Kasingeneleli emithethweni yezemfundo, lolu daba silulungisa ngohlangothi lomphakathi,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe umnyango uyakugxeka ukuphazamiseka kwezinhlelo zokufundisa. “Umnyango uzosondela, uluphenye udaba ukuze kuxazululeke izinkinga,” esho. Mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleZifinyeziwe izinsuku zokuvota kokamaskandi ne-quantum
Next articleUvulelwe icala uthisha “oshise” umfundi ngamanzi e-radiator