Sekugqobhoke amaphakethe bethungatha othunjiwe

225

JOHN HLONGWA 

UDUNGUZA emnyameni ongenafu umndeni wakwaChonco, eMbhoshongweni, oNdini, osekuphele amasonto amathathu kwathunjwa ilungu lawo, uMnu Fundabantu Chonco (24). Kuvela ukuthi uChonco wathunjwa ebusuku ngabantu abawu-5 ababehamba ngemoto. 

ILANGA likhulume noMnu Hlanganani Chonco olitshele ukuthi sekuyophela isonto lesine umfowabo enyamalele. Uthe umbiko abawuthola kumuntu owathunjwa ehamba naye, uubashiya nemibuzo engaphenduleki. Umfowethu ubehlala eThokoza, oLundi, lapho eqashe khona ngenxa yokusondela etohweni lakhe.“Umfana owathunjwa ehamba naye, uthi ngesikhathi umfowethu ephuma etohweni, wafonelwa yile nsizwa imcela ukuba ayiphathele iphepha lokugoqa insangu nesiphuzo esibandayo. Ngesikhathi umfowethu esebuya etohweni wadlula komunye umuzi. Le nsizwa  yamfonela imtshela ukuthi izomhlangabeza ukuze ithole lezi mpahla eyayiphathise zona. Sebendawonye, ithi kwaqhamuka abantu abawu-5, bababuza ukuthi bayabazi yini. Ithi labantu baqhuba behamba nalo wakithi, bexoxa naye, kodwa kayizwanga ukuthi babexoxa ngani. Kwaze kwaba bamfaka emotweni bahamba naye, yena bamdedela. Le nto yenzeka kuwuMgqibelo, kodwa umfana uze wasibikela ngeSonto. Nangesikhathi sebemdedela kabazange bamphuce ngisho umakhalekhukhwini wakhe, obekungenzeka awusebenzise ukuhlaba umkhosi ngokushesha,” esho. 

Uthi umndeni wakhe usuvele ngekhanda ezikweletini, uzama ukuthungatha ilungu lawo. “Ingaphezulu kuka-R10  000 imali esisetshenzisiwe, kuthuthungathwa. Sicela uma kukhona onolwazi asilekelele,” kusho uChonco. 

Kuze kwashaya isikhathi sokuloba okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, engayiphendulile imibuzo athunyelelwe yona mayelana nalolu daba. 

hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleAmaphoyisa asebenzise isisulu ukubopha “onukubeze” indodakazi (12)
Next articleEzimbi ngomdlali weDowns