“Sekuketulwe” omunye umholi e-Afrika

479

INTATHELI YELANGA

KUNUKA “iSub-Sahara Spring” – okuyizenzo zokuvukelwa kwemibuso okwagqama emazweni ama-Arabhu, kubizwa nge-Arab Spring kusukela ngo-2010 – njengoba sekuyinsakavuleka umchilo wesidwaba ukuketulwa kwemibuso e-Afrika, kusukela ngo-2020, ikakhulukazi e-Afrika esenyakatho-ntshonalanga. Ezivela nahlamhlanje, zithi amasosha aseGabon ayichaze njengemfeketho imiphumela yokhetho obelungoMgqibelo, lapho kunqobe khona uMengameli Ali Bongo Ondimba (osesithombeni), ethatha ihlandla lesithathu. Amasosha avele anquma ukuthatha umbuso ngejozi. 

Kuthiwa uMengameli Bongo – owathatha lesi sikhundla njengefa kuyise, u-Omar Bongo (owashona ngo-2009), ugqunywe endlini kanti ezinye izikhulu zikahulumeni ziboshiwe. Uma la masosha egcina ephumelela ukuketula uMengameli Bongo, lokho kuyobe kusho ukuphela kombuso womndeni wakwaBongo obusuhole iGabon iminyaka ewu-55 – njengoba uyise waphatha kusukela ngoZibandlela (December) ngo-1967, waze wafela esihlalweni. 

Kwenzeka lokhu nje eGabon, ngo-Ncwaba (August) 2020 amasosha ayeholwa Ngu-Assimi Goita, uBah Ndaw nabanye, aqumba phansi uhulumeni ka-Ibrahim Keita, eMali. Kuthe kungakapholi maseko, kwasuka lokho eNiger ngoNdasa (March) 2021, amavukela mbuso ayeholwa nguSani Gourouza, abhozomela uhulumeni kaMohamed Bazoum, nokho ahluleka wukumketula. 

Kuqhume umzuliswano wesibili eMali ngoNhlaba (May) 2021, zavukelana zodwa, uGoita nezakhe bavukela uNdaw, bamketula. NgoMandulo (September) 2021, uMamady Doumbouya uketule uhulumeni ka-Alpha Conde eGuinea, kwalandela u-Abdel Fattah oketule uhulumeni ka-Abdalla Hamdok eSudan ngoMfumfu (October) 2021. NgoMasingana (January) wonyaka odlule, uPaul-Henri Damiba uketule uhulumeni kaRoch Marc Kabore eBurkina Faso. 

Akahlalanga sikhathi esingakanani uDamiba kulesi sikhundla, njengoba ekhishwe ngejozi ngu-Ibrahim Traore ngoMandulo wonyaka ofanayo. 

Kubuye umzuliswano wesibili eNiger ngoNtulikazi (July) nonyaka, wagcina eketuliwe uBazoum njengoba sekukhala isicathulo sika-Abdourahamane Tchiani. Kule nyanga, kuke kwaba nemizamo yokugudluza ngejozi uMengameli waseSierra Leone, uJulius Maada Bio, kodwa yaphunza. 

Ukukhishwa ngesidlozana kukaBongo esikhundleni kujabulise abantu baseGabon namuhla ekuseni, bencoma amasosha bethi abakhululile embusweni wakwaBongo. Kwenzeka lokhu emuva kokhetho lwaseGabon nje, isiphenduke isiko eyokukhononda ngokhetho emazweni ase-Afrika – kukhalwa ngamaqembu abusayo, kuthiwa apheka imiphumela – njengoba naseZimbabwe kuyisimo esifanayo.  

Previous articleBayomela elakuleli emidlalweni yamazwe
Next articleHalala Kulaba Abawinile