Sekukhishwe incwadi yokuboshwa “kombulali” ongasalubhadi enkantolo

431

JOHN HLONGWA

SEKUKHISHWE incwadi egunyaza ukuba kuboshwe uMnu Johannes George Tsautse obhekene necala lokubulala uMnu Mluleki Mbewana, owayedume ngokuba nguswenka waseMthwalume, owadutshulwa esendaweni yobumnandi iRich, eThekwini, ngo-2020 kuMandulo (September). 

ILANGA labika ngokubulawa kukaMbewana. Kamuva nje, lithole ukuthi iNkantolo yeMantshi yaseThekwini isikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kukaTsautse emva kokuba ehluleke izikhawu zaze zaba zimbili ukuya enkantolo futhi engazivezi nezizathu zokungayi kwakhe. 

Ekhuluma neLANGA unina kamufi, uNkz Lulama Mbewana, uthe bakhathazekile ngokunyamalala kukammangalelwa ekubeni “wayeselivumile icala”. 

Iphunzile imizamo yokuthola ukuphawula kweNational Prosecuting Authority (NPA) njengoba uNkk Natasha Ramkissoon-Kara eyalele leli phephandaba ukuba liye enkantolo, liyobheka imininigwane. 

Umabhalane wasenkantolo, uNkz uThembi Mthethwa, uvezele leleli phephandaba iminingigwane eveza ukuthi impela ikhishiwe incwadi egunyaza ukuba kuboshwe uTsautse.

Previous articleUveze ukuthi akasoze alixolela isoka elibulale ingane yakhe ngoba “elijolela”
Next articleKuvuleke umnkenke emaphoyiseni ngokunyuswa kwemihlomulo