Sekukubaqeqeshi beChiefs ngoBilliat

1249

IziMpofana zigqugquzela abalandeli ukuzocindezela i-Arrows

SENZO SOKHELA
IBAMBE umoya iKaizer Chiefs ngesilomo somdlali wayo, uKhama Billiat okuvela ukuthi kungenzeka ashaye ibuya uma kuwukuthi ithimba labaqeqeshi bale kilabhu ligculisekile ngesimo sakhe.
IChiefs izobhekana neLamontville Golden Arrows kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-15h30 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lo mdlalo uthathwa njengomkhulu KwaZulu-Natal ngale mpelasonto. Leli phephandaba lithole ukuthi iChiefs ingase yemukele uBilliat odlala esiswini oseqiwe yimidlalo eminingi ngenxa yokulimala.
UBilliat ubenikwe amasonto amathathu ukuba aphumule. Ekuqaleni kwaleli sonto kuvele ukuthi usejima ngokugcwele nozakwabo, futhi ukhombisa ukuba bukhali ensimini.
Leli phephandaba libuza uVina Maphosa wezokuxhumana kwi-Chiefs ngalolu daba, uthe: “Okwamanje ngeke ngikwazi ukukusho kugcwale umlomo ukuthi uBilliat uzoba khona yini kulo mdlalo noma cha.
“Engingakusho wukuthi amasonto amathathu abenikwe wona ukuba ayophumula asephelile. Sekukubaqeqeshi ukuthi basibuka kanjani isimo sakhe.
“Singakhohlwa ukuthi indaba kaBilliat isuka kude esadlala ekilabhini yakhe endala (iMamelodi Sundowns). Ubethwala imidlalo eminingi (kwiDowns) aphinde ayodlalela neZimbabwe.
“Phela kawusiwona umshini umzimba wakhe, uzwelile. Masethembe ukuthi uphumule kahle kodwa ngabaqeqeshi abazocacisa ngaye.”
Uthi balindele umdlalo onzima kwi-Arrows. “Silindele impi kwi-Arrows kodwa okuhle ngathi wukuthi noma sidlalela kuphi kufana nokuthi sisekhaya. Empeleni iTheku yikhaya lethu lesibili, abalandeli bethu noma kanjani bazophuma ngobuningi babo ukuzoseseka. I-Arrows ingakhohlwa ukuthi ngesikhathi sigcina ukudlala eThekwini senzeni, ukuyikhumbuza nje kangisho kabi.
“Esikumincele wukuthi uGeorge Maluleka njengoba eshaya ibuya angabuyi ebuthuntu. Umdlalo uzoba nzima kodwa sifuna ukubuyela egiyeni lethu ebesihamba ngalo, iphuzu esilithole ngeledlule kwi-Black Leopards kalisijabulisanga neze. Engikucelayo wukuthi abalandeli bethu baphume kuzona zonke izinkalo beze bazobona sinenebula i-Arrows,” kusho uMaphosa.
Amathikithi alo mdlalo atholakala eTicketPro ngo-R40.

Previous articleIzimpi ezikoleni ngeGcokama noKhuzani
Next articleZibahlalise kabi izindlovu