Sekukwamazitapele emzuvele

1167

SKHOSIPHI MTHEMBU 

NGOMUNYE womonakalo owenzeke eMzuvele High School ngesikhathi kushiswa lesi sikole. 
izithombe ngu: john hlongwa

ISIPHENDUKE kwamazitapele iMzuvele High School, KwaMashu, esigqekezwe kathathu selokhu kwaqala ukuva-lwa kwezwe mhla ka-26 kuNdasa (March). 

Esigamekweni sokugcina esithuse umphakathi sashayisa ngamakhala, lesi sikole sokhelwe ngomlilo. 

NgoMgqibelo owedlule kushiswe ihhovisi lenhloko yomnyango wezifundo, kwagqekezwa amanye amabili nawo okungawezinhloko zeminyango yezifundo ezahlukene, kwebiwa nama-calculator

Kwenzeka lokhu nje, kusanda kwebiwa ilambu elikhanyisa ngaphakathi esikoleni nalo okuvele ukuthi belisanda kufakwa, ngisho umuntu obelifakile engakakhokhelwa. 

UMnu Lungani Nxumalo, ongunogada kulesi sikole, uthi le nto yenzeke ngoMgqibelo ekuseni. 

“NgoMgqibelo ngezithuba zo-6 ekuseni, ngihlolile esikoleni njengenjwayelo kodwa bekungekho lutho. Ngiphindele endlini, okuthe kusadlule imizuzwana nje engatheni, ngabizwa ngenye intombazane ehlala khona lapha esikoleni ingitshela ukuthi kuyashunqa kwelinye lamahhovisi. 

“Siphuthume khona kwasho ukuthi umlilo ubusumkhulu. Ngishayele omunye umama oyilungu lesigungu esilawula isikole, wafika ngokushesha, kwabe sekubizwa izicishamlilo,” kusho yena.

Uthi ophahleni lwamanye amagumbi agqekeziwe bathole u-Okapi, amaCD ne-screwdriver

UNkk Angel Mkhize, oyilungu lesigungu esilawula isikole, uthi selokhu uMengameli Cyril Ramaphosa wamemezela ukuvalwa kwezwe, babhekene nenkinga yokugqekezwa kwalesi sikole. 

“Kusanda kuvalwa esikoleni, kwafika inqwaba yezihlalo zesikole, akuphelanga sikhathi esingakanani unogada wabamba abantu bezama ukugqekeza ingidi. 

“Sagcina sizilandile izihlalo sayozifihla ndawana thize,” kusho yena. 

Uthi bayasola ukuthi abantu abenza le nto baseduzane naso isikole kanti babona konke okwenzekayo. 

“Okuxakayo wukuthi zonke lezi zigameko zenzeke emini. Uma kwenzeka nje unogada waphuma eyothenga into yokudla, bathola ithuba lokungena,” kusho yena. 

Uqhube wathi basazohlangana beyisigungu sesikole ukuze bezobheka umonakalo ukuthi ungakanani nanokuthi uzobadla imali engakanani. 

Kwenzeka lesi gameko nje, yinqwaba yezikole esezingqongqiswe ngomlilo eGauteng, okusolwa ukuthi kwenziwa ngabantu abasuke begaqele amathenda okuzilungisa. 

Okhulumela umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe umnyango uyazi ngalesi sigameko, wathi okwamanje ubungakaziwa umonakalo ukuthi ungakanani. 

Uphinde wagcizelela ukuthi kubalu-lekile abantu emiphakathini basebenzisane nomnyango ekugadeni impahla yesikole.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokucekela phansi impahla. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleKuqolwe uBoxer kwabuthwa utshwala
Next articleuphayinaphu uzihambela wodwa ngokudayisa