Sekuphele izinsuku okamaskandi elaliswe esibhedlela ngenxa yokugula

456

MTHOBISI SITHOLE

SEKUPHELE izinsuku engeniswe esibhedlela umculi kamaskandi uKhangelani “DSD” Mhlongo (osesithombeni), oxinwe wukugula. Kuthiwa lo mculi ohola iqembu oSaziwayo, ungeniswe kwesinye sezibhedlela eGoli ngoLwesibili, isimo sakhe singesihle. “Kumbambile ngempela ukugula, uxhunywe ama-drip amaningi esibhedlela,” kusho umthombo weLANGA Lempelasonto

Ilungu lomndeni elingathandanga ukuvezwa, lithe esibhedlela kulawulwa isimo sikashukela kulo mculi. Lithe uhanjiswe kudokotela ozimele, wamdlulisela esibhedlela, walaliswa. “Ushukela ukhuphuke kakhulu, kodwa isimo sakhe kasisekho sibi, odokotela bayazama ukuwulawula. Likhona ithemba lokuthi uzolulama maduzane, aphume esibhedlela,” kusho ilungu lomndeni. 

Kwenzeka lokhu nje, uDsD ubesanda kukhipha i-albhamu entsha, ethi “One More year”, emuva kwesikhathi eside ibambezelekile, ngenxa yakho ukugula. Bekufanele iphume ngoZibandlela (December). 

Ekhuluma naleli phephandaba ngenyanga edlule, uthe ukugula kwakhe okuqubuke esithubeni, kumenze ivukana kwezomculo,
kwaphoxeka abaningi esethathe nemali yabo ngoba bebeyithenge ingakaphumi le albhamu. Ngaleso sikhathi ubephethwe yizinso. Ngesonto eledlule ufake isithombemnyakazo (video) sengoma yakhe entsha, ethi “Nabangane” ezinkundleni zokuxhumana, abantu bakhombisa ukukhathazeka ngesimo sempilo yakhe.

Lo mculi uzakhele udumo kumaskandi emaqenjini kaKwakhe “Mgqumeni” Khumalo (ongasekho), okuthe ngokushona kwakhe, wasungula oSaziwayo ebambisene noMzovukile “Jaiva Zimnike” Khanyeza. Usehlabane ngezindondo zomculo okubalwa kuzona eyeSouth African Traditional Achievements Awards (Satma) neyaMantshontsho.

Previous articleUmhlaziyi ubona kungasebenza ukubambisana kweMK ne-IFP KwaZulu-Natal
Next articleZiyaqina ezokubambisana kwi-IFP ne-ANC