sekushone abantu ababili ngosomqhele (coronavirus)

643

LUCKY CAIN

SELIQALILE ukugawula eNingizimu Afrika igciwane usomqhele (coronavirus) njengoba sekushone abantu ababili ngenxa yalo. Ngokwesitatimende esithunyelwe nguDkt Zweli Mkhize onguNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, laba besifazane abaneminyaka engu-28 no-48 ngabaseWestern Cape. Bashonele ezibhedlela ezahlukene khona eWestern Cape, kwesizimele nesikahulumeni. Khona manjalo ziqalile izinsuku ezingu-21 zokuhlala endlini ngokwesimemezelo sikaMengameli Cyril Ramaphosa sokunqanda ukubhebhetheka kwe-coronavirus. Sebengaphezu kwenkulungwane abantu abahlaselwe yileli gciwane eNingizimu Afrika.

Previous articleOkamaskandi wexwayiswe ngokungcwekisana nabasakazi
Next articlengase iqalwe phansi imidlalo e-Europe