Sekuvele kwashuba kakhulu kweyePSL

811

Umbango wezembe nowendawo yesibili uzocaciswa yimidlalo yokugcina ngelizayo

NHLANHLA HUDLA

SEYIPHENDUKE eyamanqamu uqobo imidlalo yokusonga isizini yeDStv Premiership ezokuba ngoMgqibelo esiya kuwona womhla ka-20 kuNhlaba (May) ezinkundleni ezahlukene njengoba umbango wendawo yesibili nowamakilabhu azodliwa yizembe usashisa phansi. IMaritzburg United idonse umoya yehlula iStellenbosch FC ngo-1-0 wegoli lika-Amadou Soukouna ngomzuzu ka-40 izolo eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, okwenza yasinda okwesikhashana ezembeni. Ukuba yehluliwe kulo mdlalo iTeam of Choice bekuzokube sekuyibhedele kulesi sigaba njengoba ibizoshoveleka kwesiphansi kwazise isabambe ibhuleki. Maritzburg isizwe nayiTS Galaxy egcine iChippa United ibhabhabele endaweni ka-15 kwi-log njengoba iyixebule ngo-4-0 wamagoli kaKamogelo Sebelebele ngomzuzu ka-33 nangoka-52, uMasilake Phohlongo ngoka-88 noNkosikhona Radebe ngoka-92.


IMaritzburg kumele ilwele ukuqoqa amaphuzu agcwele uma seyibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni wala makilabhu wokusonga isizini ozokuba ngoLwesibili ngo-19h30 eLoftus Stadium, ePitoli. Ukwehlulwa kwayo kuzosho ukuyolusa onogwaja ehlathini. Kumele inqobe besimincela ukuthi iGolden Arrows ihlule iChippa United kowokusonga isizini ngoMgqibelo eGqeberha, iphinde ithandazele nokuthi iMarumo Gallants ibhuquziswe yiSwallows ngosuko olufanayo eSoweto. Nasesicongweni umbango usashisa phansi phakathi kwe-Orlando Pirates neSuper-Sport United ababanga ukuqeda endaweni yesibili ukuze bezodlala iCaf Champions League ngesizini ezayo. IBucs izihlinzele ezibini ibambana neSekhukhune United ngo-1-1 izolo e-Orlando Stadium, eSoweto. Igoli leBucs lishaywe nguTerrence Dzvukamanja ngomzuzu ka-31 labulawa ngelika-Edwin Gymah ngoka-38.


Lo mphumela wenze iPirates yaficwa yiSuperSport njengoba la makilabhu esebambene ngamaphuzu awu-51 emuva kwemidlalo ewu-29, nokho amaBhakaniya asizwa yisibalo samagoli amaningi. Emdlalweni wokugcina iBucs izobhekana namaZulu FC ngoMgqibelo eThekwini. USuthu lwehlulwe yi-Arrows ngo-1-0 wegoli likaSiyavuya Ndlovu elingene ngomzuzu ka-54 izolo KwaMashu, okuqede amathuba alo okungena kwi-top 8. ISuperSport iguqise iKaizer Chiefs ngo-1-0 wegoli likaGamphani Lungu ngomzuzu ka-41 ePeter Mokaba Stadium.

  • Isiyonke imiphumela yeDStv Premiership imi kanjena:
  • Arrows1, AmaZulu 0; Royal AM 0,
    Swallows 1; Maritzburg 1,
    Stellenbosch 0; SuperSport 1,
    Chiefs 0; Pirates 1, Sekhukhune 1;
    TS Galaxy 4, Chippa United 0;
    Cape Town City 2,
    Richards Bay 0.
    Imidlalo yokusonga isizini
    ka-2022/23 imi kanjena:
    NGOLWESIBILI
    ELoftus Stadium: Mamelodi
    Sundowns vs Maritzburg Utd
    19h30.
    NGOMGQIBELO
    ENelson Mandela Bay: Chippa
    United vs Golden Arrows 15h00.
    EMoses Mabhida Stadium:
    AmaZulu vs Orlando Pirates
    15h00.
    E-FNB: Kaizer Chiefs vs Cape
    Town City FC 15h00.
    EPeter Mokaba: Sekhukhune
    United vs SuperSport United
    15h00.
    EDobsonville: Swallows vs
    Marumo Gallants FC 15h00.
    EKing Zwelithini: Richards Bay
    vs Royal AM 15h00.
    EDanie Craven: Stellenbosch vs
    TS Galaxy 15h00.
Previous articleImibuzo ngethwasa’elishaywe’ngugobela lafa
Next articleKuboshelwe nowase-USAkwiKZN International Jazz