Seliqokiwe elakuleli eliya kwi-Olympics 

119

MZWAMANDLA ZONDI

SELIQOKIWE iqembu lokugcina laseNingizimu Afrika eliya kwi-Olympic Games nonyaka ezoqala mhla ka-26 kwe-phezulu isongwe mhla ka-11 kuNcwaba (August) eParis, eFrance. Iqembu lakuleli lithakwe ngabasubathi abasebasha nasebekhulile. Phakathi kwabo kukhona noWayde van Niekerk ophethe irekhodi lomhlaba ngo-43:03, alenza ngo-2016 kuyo le midlalo eBrazil. 

Lo msubathi ungomunye wababhekwe ngabomvu ukwenza kahle kulo mqhudelwano njengoba eseluleme ngokugcwele emuva kokulimala edlala i-touch rugby esanda kubuya nendondo yego-lide eBrazil. Abanye abadlali bakuleli ababhekiwe, kukhona no-Akani Simbine owenza i-100m.

Neqembu lababhukudi kubhekwe ukuba lenze kahle njengoba kulona kukhona nomahlalehlabana, uChad le Clos, kanjalo nombhukudi osemncane waKwaZulu-Natal, uMatthew Sates, uTatjana Smith ukubala nje abambalwa okubhekwe ukuba benze kahle kulo mqhudelwano.

Umgijimi ozohlomula ngendondo yegolide uzothola u-R400 000 kuthi umqeqeshi azuze u-R100 000, ozothola isiliva uzozuza u-R200 000 kuthi umqeqeshi athole u-R50 000 kuthi owethusi azuze u-R75 000, umqeqeshi atho-le u-R25 000.

Eqenjini le-relay, ele-hockey nele-rugby umdlali ngamunye uzozuza u-R100 000 uma bethole igolide, kube u-R75 000 isiliva no-R50 000 kweyethusi.

Abesikebhe abagwedla ngababili, bazothola u-R200 000 ngegolide, umqeqeshi kube wu-R100 000, isiliva kube wu-R100 000 no-R50 000 womqeqeshi no-R40 000 kwabethusi kube wu-R20 000 womqeqeshi.

Selilonke iqembu lakuleli lididiyelwe kanje, kubabhukudi: uPieter Coetze, uChad le Clos, uMatthew Sates, u-Aimee Canny, uKaylene Corbett, u-Erin Gallagher, uRebecca Meder, uTatjana Smith noJulia Vincent.

Ele-Archery: uWian Roux.

Elabagijimi: uLuxolo Adams, u-Elroy Galant, uGardeo Isaacs, uShaun Maswangani, uStephen Mokoka, uZakithi Nene, uBradley Nkoana, u-Antonie Nortje, uLythe Pillay, uFrancois Prinsloo, uBenjamin Richardson, u-Akani Simbine, uTshepo Tshite, uWayde van Niekerk, uJovan van Vuuren, uBayanda Walaza, u-Adriaan Wildschutt, uMarione Fourie, uZeney Geldenhuys, uRogail Joseph, uCian Oldknow, uPrudence Sekgodiso, uGerda Steyn no-Irvette van Zyl. Ama-reserve: uSinesipho Dambile no-Adrian Swart Management.

Ele-badminton: uJohanita Scholtz.

Ele-canoeing: u-Andrew Birkett, uHamish Lovemore, uTiffany Koch no-Esti Olivier.

Ele-cycling: uRyan Gibbons, uJean Spies, u-Alan Hatherley, uVincent Leygonie, u-Ashleigh Moolman-Pasio, uTiffany Keep, uCandice Lill,  noMiyanda Maseti.

Ele-equestrian: u-Alexander Peternell.

Ele-fencing: uHarry Saner.

Ele-golf: uChristiaan Bezui-denhoit, u-Ashleigh Buhai, uTertius Marais noTanya Paterson.

Ele-gymnastics: uCaitlin Rooskrantz.

Ele-hockey: uDaniel Bell, uDayaan Cassiem, uMustapha Cassiem, uCalvin Dav-is, uMatthew Guise-Brown, u-Andrew Hobson, uKee-nan Horne, uGowan Jon-es, uRyan Julius, uTevin Kok, uZenani Kraai, uSamkelo Mvimbi, uNqobile Ntuli, uBradley Sherwood, uNicholas Spooner, uJacques uJacques van Ton-der, uHendrik Kri-ek noNduduzo (Peabo) Lembethe Management.

Elabesifazane: u-Augousti, uQua-nita Bobbs, uSte-phanie Botha, uDirkie Chamber-lain, u-Erin Chri-stie, uKayla de Waal, uParis-Gail Isaacs, uMarie Antoinette Louw, u-Ongeziwe Mali, uNtsopa Mokoe-na, u-Edith Molikoe, uKristen Paton, uHannah Pearce, uCelia Seerane, u-Anelle van Deventer, u-Onthatile Zulu, u-Aphiwe Dimba noKayla Swarts.

Ele-judo:  uGeronay Whitebooi.

EleRowing: uJohn Smith, uChristopher Baxter noPaige Badenhorst.

Ele-rugby Sevens: uChristoffel Grobbelaar, uRyan Oosthuizen, u-Impi Visser, uZain Davids, uQuewin Nortje, uTiaan Pretorius, uShaun Williams, uSelvyn Davids, uTristan Leyds, uRosko Specman, uSiviwe Soyizwapi, uShilton van Wyk, uKatlego Letebele, uRonald Brown, uMfundo Ndhlovu noDavid Brits.

Kwabesifazane:  uLiske Lategan, u-Ayanda Malinga, uKemisetso Baloyi, uZintle Mpupha, uSizophila Solontsi, uMathrin Simmers, uNadine Roos, u-Elizabeth Janse van Rensburg, uVeroeshka Grain, uMarlize de Bruin, uMaria Tshiremba noByrhabdre Dolf. Ama-reserve: uShona-Leah Weston noShiniqwa Lamprecht.

Ele-skateboarding:  Brandon Valjalo, Boipelo Awuah no-Andre Oberholzer.

Ele-sport climbing: uJoshua Bruyns, uMel Janse van Rensburg, u-Aniya Holder noLauren Mukheibir.

Ele-surfing: uMatthew McGillivray, uJordy Smith noSarah Ann Baum.

Ele-triathlon: uHenri Schoe-man, uJamie Riddle noVicky van der Merwe.

Ele-wrestling: uNicholas Steyn. zondim@ilanganews.co.za

Previous articleUngqongqoshe uveza “eyezinhlebi” esezimdonse ngendlebe mayelana namazambane abolile
Next articleOwayehlekwa “esachatha” izimoto usenegaraji lakhe