selubekiwe usuku olusha lwe-vdj

674

SANDILE MAKHOBA

ISINGAQALA ukulunga imiswenko nemisiko yomcimbi wamahhashi omkhulukazi eNingizimu Afrika, iVodacom Durban July (VDJ), njengoba selunqunyiwe usuku ozokuba ngalo nonyaka.

Nakuba kunezinkinga ezikhona emhlabeni wonke zokuhlehla kwemicimbi emqoka, eminye yayo engeke isenzeka nonyaka, kodwa abeVDJ sebephumele obala badalula ukuthi umcimbi wabo bawuhlehlisele ukuphela kwenyanga kaNtulikazi (July) njengoba ubekelwe umhla ka-25. 

Ngokujwayelekile lo mcimbi wenziwa minyaka yonke ngempelasonto yokuqala kuNtulikazi. 

Uhlehle ngenxa yokubhidlanga kweCovid-19 eholele ekutheni kuvalwe izwe emizameni yokuvimba ukusabalala kwalo mkhuhlane ngamandla kuleli.

Abathandi bengqephu abaningi nalabo abazifelayo ngamahhashi kulindeleke ukuba lezi zindaba zehle kamnandi kubona njengoba besebelilahlile ithemba.

UMnu Siphamandla Mlobeli, okhulumela abeGolden Circle okuyibona abengamele lo mcimbi, utshele leli phephandaba ukuthi bekuzoba nzima ukuthi iVDJ ingabi bikho ngale nyanga.

“Isisekelo salo mcimbi singo-Ntulikazi (July). Sibonile ukuthi uma siwubeka kwenye inyanga sizobe siyawubulala. 

“Njengamanje zonke izinhlelo ziyaqhubeka ngendlela ejwayelekile,” esho. 

Uphinde waveza nokuthi nabanikazi bamatende sebazisiwe bonke futhi akekho ohoxile, konke kusaqhubeka kahle.

USpha utshele leli phephandaba ukuthi balenzile ucwaningo mayelana neCovid-19 bathola ukuthi izobe ingasekho.

* Khonamanjalo, nomjaho iGold Cup kuthiwa uzoqhubeka ngomhla ka-29 kuNcwaba (August).

Previous articleKUSOLWA EYOMNDENI KUBULAWA OWESILISA EHAMBA NOMKAKHE
Next articlelizohlehlela usuku olungakaziwa icala lobeyimeya yetheku