BHEKI NDLOVANA
KUBIKWA ukuthi seluxazululiwe udaba olumayelana nokuqokwa kweNkosi uNtuthukoyezwe Zuzifa Buthelezi (osesithombeni) ukuba iqhwakele esihlalweni sobukhosi bakubo eMahlabathini, oNdini, emuva kokuba kukhothame uyise, uMntwana waKwaPhindangene, iNkosi Mangosuthu Buthelezi.
Lolu daba lusukela esitatimendeni esisabalale ezinkundleni zokuxhumana emasontweni ngaphambi kukaKhisimusi, okuthiwe sikhishwe egameni lendlu yaKwaSalabengafi – engenye yezindlu eziqavile zakwaButhelezi – ebesiphikisa ukuqokwa kukaMntwana uZuzifa ekubeni yinkosi. Ababhale lesi sitatimende, bebethi ubukhosi bachezuka, kanti manje sekumele kulungiswe iphutha, bubuyiselwe endlini yaKwaSalabengafi. Kubikwa ukuthi udaba luxazululwe emuva komhlangano obuKwaPhindangene ngoMgqibelo, obucelwe ngabadala bendlu yaKwaSalabengafi.
UDkt Ngqengelele Buthelezi okhulumela umndeni waKwaPhindangene, ukhiphe isitatimende ebika ukuthi lolu daba seluxazululiwe emuva komhlangano obungoMgqibelo. Abamele indlu yaKwaSalabengafi, kubikwa ukuthi bacele lo mhlangano nabaKwaPhindangene ngenxa yokushaqeka ngesitatimende ebesiphikisa ukuqokwa kukaMntwana uZuzifa.
Ngokusho kukaDkt Buthelezi, indlu yaKwaSalabengafi izihlangulile, yasichitha lesi sikhalo sokuphikisa ukuqokwa kukaMntwana uZuzifa. Kubikwa ukuthi isitatimende sesikhalo, sisatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ngaphandle kokugunyazwa ngabadala bendlu yaKwaSalabengafi. Kuthiwa sisatshalaliswe ngumuntu osemncane emndenini futhi osolwa nangokuba nomlando ongemuhle wokuphambana nengalo yomthetho. “La malungu amadala aKwaSalabengafi, azwakalise ukuthi aweseka ngokugcwele umhlangano owawungomhla ka-6 kuZiba-ndlela (December) nyakenye, lapho zonke izindlu eziqavile zaKwaButhelezi namalu-ngu asendlunkulu, zavumelana ngazwi linye, kwelokuthi uMntwana uNtuthukoyezwe kube nguyena inkosi yesizwe sakwaButhelezi,” kusho uDkt Buthelezi esitatimendeni.
Uqhube wathi umndeni waKwa-Phindangene ukwamukele ukufika kwabaKwaSalabengafi ukuze kuxazululwe lolu daba njengoba ubumbano, uzinzo nokuvumelana bekuyizona zinto ebezimqoka kakhulu kwaButhelezi ngaphansi kobuholi beNkosi uMangosuthu.
bhekin@ilanganews.co.za