NGOSIBA LUKA-REV MKHEKHELEZI
MANGISHESHE nje ngibanqande laba abathanda ukukhononda uma sikhuluma ngezigangi, babuze ukuthi sithuleleni ngezabelungu ezidla imali sengathi yinswempe idla amatshe. Udaba lukaChristopher Pappas oyimeya yaseMngeni lokuthi umasipala wakhe wanika inhlangano yesinqandamathe sakhe, uJean-Pierre Prinsloo, u-R100 000, siyalwazi, ake siluhlabele ikhefu lona ngoba vele lusasezithebeni zeHhovisi loMvikeli woMphakathi. Mhla-ke kwaphuma isinqumo ngalo, ngiyokhuluma njengomuntu osewadlula, owacevuza izindaba emngcwabeni.
Ngizwile nje elinye iqembu selivukwa ngamadlingozi lithi kalikhohliwe ukuthi uPappas washayisa umuntu ngemoto wabaleka ngesikhathi uNdunankulu waKwaMchunu-Natal, usisi uNomusa Dube-Ncube ehambise umbondo obizwa ngeSukuma Sakhe Imbizo, eMngeni. Amagqubu-ke bakwethu kawakusizi ukuthi uwine ama-bye elections, noma ungaze uwabambele uSathane imbala.
Nansi-ke indaba enkulu. Hheyi, bavuruvayeni nje onembeza benu ngokwethemba osopolitiki, ngeke sininqabele. Phela osopolitiki akumakati akufuywa. Makweru, mfowethu, Floyd Shivambu (osesithombeni), njengoba ezakho zaziphika kangaka zize zibhalanse ngamadwala – kuhle kombokwane – ukuthi wahlafuna emalini yeVBS, yini le esiyizwayo manje?
Nakhu phela usuzomukwa umholo wezinsuku eziyisishiyagalolunye ngoba ikomidi lokuziphatha ephalamende lithole ukuthi wena wawuhlaba inhlali mayelana nokuhlomula kuleli bhange elaligcine nemali yezalukazi. Lithi iphalamende wena wadla impela kule mali, wahlafuna kwaze kwaqina imihlathi sengathi udla isikhwebu sesivuno sokugcina, sekulungiselelwa ukugcina imbewu! Ngiyazi ukuthi kuningi okugcwele engqondweni yakho, kungenzeka mhlawumbe wakhohlwa wukutshela iphalamende ukuthi bakucaphunela nawe kwiVBS. Usaphika-ke namanje bafo? Kuthiwa wena wathola u-R180 000, angifuni ukusho ukuthi wawusukaphi. Angiyithandi le nto ngoba abanye abantu bazogcina bekubiza ngoFloyd VBSweather, zama nje uyihlanze le mali, ugeze isithunzi sakho, noma ngabe kuthiwa usujeziswe kanjani.
Manje tshela mina-ke ngitshele abelungu, uzoyijikijela ngani i-ANC ephalamende uma uyisola ngokuthi ifuye amasela uma nawe kanti washalaza ukuveza ukuthi kukhihlwa isililo nje ngemali yeVBS, nawe wadla waze watshikizisa inqulu? Mina nginguwena yayiyothi ingena nje kwi-akhawunti yami leyo mali, ngizwe ukuthi eyaseVBS, ngivele ngithi: “Phindiselani emuva imali yezalukazi! Habe! Niyangilinga bosathane abagqoke ivurukwashi eyazibonelwa nguCash lo kagqomu, owaduma nje impela izinyanga ezimbalwa njengale ngoma ethi ‘John Vul’ Igate!” Ubobonga nje ngoba uyilungu lephalamende laseNingizimu Afrika, kwamanye amazwe ngabe – wena nabanye ababheku abakula mabhentshi angaphesheya – usuxoshiwe. Phela kuleli elethu iphalamende kudlalwa umas’gcozi.
Hikhensile ngopfu ma-Afrika!