INTATHELI YELANGA
SIYENYUKA isibalo sabantu abashone engozini eyenzeke phakathi kwase- Hilton naseCedara, eMgungundlovu ngoMsombuluko, okugcine kubandakanyeka izimoto ezingaphezulu kuka-40, egwaqweni onguthelawayeka u-N3. Iziphathimandla zithi kusenziwa uphenyo ukuze kutholakale ukuthi iqale kanjani. Ngokusho kukaNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uNkz Sindisiwe Chikunga, bazokwenza konke okusemandleni ukuthola ukuthi le ngozi yenzeke kanjani. Kwabashonile, abesilisa abathathu nabesifazane abathathu. Abahlanu bashonele endaweni yesigameko, kwathi owesithupha washonela esibhedlela i]St. Anne’s khona eMgungundlovu. Balinganiselwa ku-80 abantu abalimale kule ngozi. Ungqongqoshe udlulise amazwi endunduzo ekhalisana nemindeni eshonelwe.
“Uphenyo seluqalile, kuzothi uma seluphothuliwe bese siyabika ukuthi sitholeni,” kusho yena. Ezimotweni eziwu-41 ezibandakanyeke kule ngozi, kuhlanganise amatekisi awu-8, ama-truck amahlanu, nokuphoqe ukuthi uvalwe amahora ambalwa umgwaqo ngesikhathi kusatakulwa. IMeya kumasipala uMngeni, uMnu Christopher Pappas, usukumele phezulu ngemuva kokwenzeka kwale nhlekelele. Umasipala uvule ihholo lapho bekuthiwa abakhathele noma abalinde izihlobo zabo bangalindela khona. Lo masipala uphinde wathumela ithimba eliye kolekelela abebebandanyeke kule nhlekelele.
www.ilanganews.co.za