Sewuqalile ukuvunguza umoya weHollywoodbets Durban July

72

ZAKHELE MCHUNU

UVUNGUZA ngamandla umoya weHollywoodbets Durban July (HDJ) ezokuba ngoMgqibelo womhla ka-6 kuNtulikazi (July) eHollywoodbets Greyville Racecourse, eThekwini. Lo mjaho – othathwa njengomkhulukazi eNingizimu Afrika – wandulelwa yiHollywoodbets Gold Cup, ezokuba namuhla ngoMgqibelo kusuka ngo-11 ekuseni kuyona le nkundla engenhla.

Amaphanta amaningi iGold Cup ayibiza ngeMini Durban July ngenxa yokuba nohlonzo. Phela ngamahhashi asuke enze kahle kulo mjaho ajwayele ukugila izimanga nakwiHDJ esuke ihanjelwe ngosopolitiki, ngosomabhizinisi, ngosaziwayo nonontandakubukwa abaningi, kwazise namatende ezicukuthwane asuke ethe chithi saka kule nkundla futhi nengqephu idla umunyu.

Isasasa leGold Cup libonakale izolo ngokuqala ukutheleka kosaziwayo abangamanxusa akwaHollywoodbets, okubalwa kuwona uTeko “General” Modise owazakhela udumo edlala kwi-Orlando Pirates nakwiMamelodi Sundowns, uCarol Tshabalala owethula ezemidlalo kwaSuperSport TV noRobert “Madluphuthu” Marawa, oyinkakha yomethuli wezemidlalo kumabonakude nasemisakazweni kuleli.

Njengamanje uMarawa wethula iMarawa Sports Worldwide (MSW) kwiVuma FM ezinze eThekwini kanjalo nasemisakazweni edlelana nayo.

Laba bebehambele lapho kugcinwa futhi kuqeqeshwa khona amahhashi eSummerveld, eShongweni, entshonalanga yeTheku. Kule ndawo bakhonjiswe ukusuka nokuhlala ngempilo yawo kubalwa nalapho eziqeqesha khona aphinde azimasaje ngokugingqika phansi, nalapho elashwa

khona uma elimele. “Lo mjaho uthathwa njengethuba lokugcina lamahhashi lokuzikhombisa ukuthi lingethenjwa ukwenza kahle kwiHDJ ngoba amahhashi azogadulisana khona (kwiHDJ) azoqinisekiswa esontweni elandulela wona lo mjaho omkhulukazi,” kusho esinye isikhulu saseHoolywoodbets.

zakhelem@ilanganews.co.za

Previous articleUmmeli nesexwayiso ngengozi elengela amakilabhu akuleli agwetshwe yiFifa
Next article27 June 2024