IKaizer Chiefs isimxoshile uMiddendorp ohlulwe yiligi
MFANAFUTHI NDLOVU
IMAMELODI Sundowns idalula okungase kube yisithiyo ezinhlelweni zayo zokuqeda isizini ka-2019/2020 iphethe izicoco ezintathu ngesandla.
IDowns isethubeni lokunqoba isicoco sesithathu njengoba izobhekana neBloemfontein Celtic kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-20h00 e-Orlando Stadium, eGoli, ukuvala ikhethini lale sizini yePremier Soccer League (PSL). Le kilabhu ecijwa nguPitso “Jingles” Mosimane kumanje iyizingqwele zeTelkom Knockout neze-Absa Premiership.
UMosimane utshele abezindaba izolo ntambama ukuthi kulo mdlalo bazoqapha ngelokhozi uNdumiso Mabena amchaze njengomgadli oyingozi enkulu kwiCeltic futhi onganyomfa izinhlelo zabo uma bemvumela ukuchanasa. Uthi ezakhe ziqale ukulungiselela lo mdlalo ngoLwesibili emuva kokuba enike abadlali ikhefu ukujabulela ukunqoba iligi.
Uthi yize enabadlali abathintekile kodwa uyabethemba abazothatha izindawo zabo. Uthe uqale ijimu ngaphandle kukaGaston Sirino noHlompho Kekana abanike ikhefana, kanti ujatshuliswa wukubuya kukaDenis Onyango obelimele no-Andile Jali (osesithombeni) obenezinkinga zomndeni.
Uthi uRicardo Nascimento usenenkinga njengoba alimala esandleni. Uveze ukuthi uMusa Lebusa uzoqala ukujima nale kilabhu namuhla ngoLwesine.
“Sizobhekana nobunzima kwiCeltic kwazise inabadlali abagijimayo futhi abanikana kahle ibhola. Sibabuke kahle bedlala neWits, sebenendlela ehlukile yokudlala okwenza silindele ubunzima. Nokho ngethemba ukuthi bazosindwa yinkundla,” kusho uMosimane.
* Kukhonjwe indlela u-Ernst Middendorp obengumqeqeshi weKaizer Chiefs ehluleke ngemizuzu yokugcina ukunqoba isicoco se-Absa Premiership esiwele ezandleni zeSundowns. IChiefs iqinisekise izolo ntambama ukuthi lo mqeqeshi wase-Germany ngeke esaba yingxenye yayo.
Bekunethemba lokuthi uMiddendorp uzokwazi ukunqobela le kilabhu inkomishi yeligi njengoba igubha ukuhlanganisa iminyaka ewu-50 yasungulwa. Sekuphele iminyaka ewu-5 iziMpofana zigcine ukuqukula indebe.
* Iyiqale ngegiya eliphezulu imidlalo yokuhlunga iBlack Leopards ishaya i-Ajax Cape Town ngo-1-0 wegoli likaMwape Musonda elingene ngomzuzu ka-25 izolo ngoLwesithathu eFNB Stadium, eGoli. Kulo mdlalo kucace zibekwa ukuthi iLeopards izowunqoba ngendlela abadlali bayo ababewuphethe kahle ngakhona.
Umdlalo olandelayo weLeopards izovovana kuwona neTTM ngoMgqibelo eGoli.