Seyiqokiwe inkosi yesizwe sakwaButhelezi

677

NONHLAKANIPHO SHINGA

USEQOKWE njengeNkosi yesizwe sakwaButhelezi, uMntwana Maphikelela Zuzifa Buthelezi, ozalwa yinkosi ekhothame ngoMandulo (September), uMntwana Mangosuthu Buthelezi.

Ngokuthola kweLANGA, iNkosi Maphikelela, ibekwe emhlanganweni obekungowomndeni obungoLwesithathu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambi kokuba uMntwana waKwaPhindangene akhothame, ubevele esebeke ibamba iNkosi Mpiyakhe Buthelezi, kulesi sihlalo okuyilo akhothame lisabambile.

Ngemuva kokukhothama kwakhe, umndeni wakhetha ukuthi ube nesikhathi sokuzila ngaphambi kokukhuluma ngokubeka inkosi ezohlala esihlalweni. INkosi Maphikelela iganwe nguNdlunkulu Michelle uMaMohale Buthelezi. UDkt Ngqengelele Buthelezi okhulumela umndeni, uthe bazokhipha isitatimende ngalolu daba.

Previous articleKusolwa umona “abendawo” bebulala induna nendodakazi yayo
Next articleAkhale ngabaphathi “abawanqindayo” amaphoyisa ngesikhathi eklonyeliswa