Seyishayisa ngovalo iPirates

821

Inyuse amagiya selokhu kufike uZinnbauer

SENZO SOKHELA

ABADLALI bePirates bejabulela igoli likaThembinkosi Lorch beguqisa iHighlands Park
ngo-3-1 koweligi ngoMgqibelo e-Orlando Stadium. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

SEYISHAYISA ngovalo ngisho umqeqeshi wayo i-Orlando Pirates ngendlela evutha ingabaselwe ngakhona kulezi zinsuku. IBucs seyiqoqe amaphuzu awu-13 kwawu-15 esiwadlalelile selokhu iqashe uJosef Zinnbauer waseGermany ngoZibandlela (December) nyakenye.
IPirates inyuse amagiya ngendlela ethusayo ezitheni selokhu kuqale lo nyaka okwenza ithole imiphumela emihle emidlalweni ye-Absa Premiership eshoshelayo esicongweni sayo.
Kubukeka abadlali bemuzwa umqeqeshi wayo omusha, uZinnbauer njengoba bengakaze
behlulwe selokhu ethathe lo msebenzi kuRhulani Mokwena omehlule ingcaca. Usenqobe imidlalo emine, wadlala ngokulingana kowodwa selokhu eqhoqhobele lesi sikhundla.
Abalandeli abaningi beBucs bakholwa wukuthi ngabe le kilabhu inamaphuzu amaningi ukuba yavele yaqasha uZinnbauer ngesikhathi kushiya uMilutin “Micho” Sredojevic kusanda kuqala isizini. Nokho yanika lo msebenzi uMokwena ekubeni lungakaqini kahle ukhakhayi lwakhe njengoba ubeqala ukuba yinhloko.
IBucs iphinde yajabulisa abalandeli bayo iguqisa iHighlands Park ngo-3-1 koweligi
ngoMgqibelo kusihlwa e-Orlando Stadium, eSoweto.
Amagoli eBucs avalelwe enethini nguThembinkosi Lorch, uGabadinho Mhango noPaseka Mako, kwathi eleHighlands lashaywa nguMlungisi Mbunjana.
IBucs iye kulo mdlalo ivele iyizimfivilithi kwazise isefomini kulezi zinsuku njengoba iguqise iMamelodi Sundowns ngo-1-0 wegoli lika-Mhango ngoLwesithathu ebusuku eSoweto.
UZinnbauer uveze ukuthi iyamethusa indlela ezakhe ezenza ngayo.
“Umdlalo siwuqale kahle, konke kuhambe ngendlela ngoba besifuna ukusheshe sihlohle amagoli, nangempela senza kanjalo.
“Kodwa okungimangazayo yindlela abafana bami abashesha ngayo ukubamba engibatshela
khona. Nakuba singakafiki lapha engifuna khona kodwa kuyethembisa ukuthi maduzane bazobe sebehlangene kahle.
“Ngifuna ukuba siqede kwi-top 3, noma kanjani uma siqhubeka kanjena sizoyithola,”
kusho uZinnbauer.
U-Owen da Gama ololonga iHighlands, uwuqondise kubadlali bakhe umunwe.
“Kulo mdlalo senze inqwaba yamaphutha. Sivumele iPirates ukuba izicanasele kithina.
“Abadlali bami yibona abasenzele phansi, besingenza kangcono kakhulu kulo mdlalo. Kodwa-ke ukukhala ngeke kusasisiza, kuzofanele siqhubeke nokusebenza kanzima,”
kusho uDa Gama.
Isiyonke imiphumela ye-Absa Premiership imi kanjena: Polokwane 1, Arrows 1; Celtic 1, Chippa 1; SuperSport 1, Sundowns 2; Leopards 1, Chiefs 1; Pirates 3, Highlands 1; CTC 2, Wits 0; Maritzburg 1, AmaZulu 0; Stellenbosch 1, Baroka FC 0.

Previous articleBaphinda enkantolo abakwaShembe
Next articleLusolwa “ngokuvubela impi” uNyazi