Sezihubela sakusha ngezitatimende zabamangalelwa kwelokubulawa kukaMeyiwa

229

THANDOLUHLE NGUBO

SEKUNTWELA ezansi ngodaba olumayelana nobuqotho bezitatimende okuthiwa zenziwa ngabamangalelwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana. Laba bamangalelwa nguMuzikawukhulelwa Sibiya noMnu Bongani Ntanzi. 

NgoLwesihlanu, busongwe bonke ubufakazi balolu daba njengoba ummeli kaNtanzi, emhole ngemibuzo kabusha. Inkantolo ibe seyinquma umhla ka-4 kuNdasa (March) ukuba umbuso nabameli babamangalelwa benze izethulo zabo zokugcina, ngaphambi kokuba kukhiswe isinqumo. Ebufakazini bokugcina, uNtanzi ugcizelele ukuthi ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseTlhabane, eNorth West,
ngo-2020, akanikwanga ithuba lokuzikhulumela, futhi wayengakaze ahlangane nalowo owayethulwe njengommeli wakhe, uMnu Ntokozo Mjiyako. Uthe emuva kokuvela enkantolo okokuqala, uMjiyako akazange aye ukuyombheka. Uchithe nobufakazi obethulwe wumbuso obuveza ukuthi wayalela uMjiyako ukuba atshele inkantolo ukuthi akasafuni ukufaka isicelo sebheyili. Ubike ukuthi wayengeke achithe ukufaka isicelo sebheyili ngoba wayezokujabulela ukuphuma abuyele emsebenzini wakhe wasemayini.  Ngesikhathi ethula ubufakazi, umbuso ubulokhu umyamanisa noMjiyako. 

UMshushisi uRonnie Sibanda, waveza ukuthi uMjiyako nguye owayemele uNtanzi ecaleni lezinhlamvu zesibhamu okuthiwa zatholwa endlini yakhe ngesikhathi amaphoyisa eyophenya, esagcinwe estokisini. Wathi uMjiyako wammela futhi uNtanzi nangesikhathi evuma icala lokubulala uMeyiwa. Waveza nokuthi kunencwadi eyasayinwa nguNtanzi enika uMjiyako igunya lokuba ngummeli wakhe. 

UNtanzi ukuchile lokho, wathi akukho akukhuluma noMjiyako kwaze kwaba uyamxosha njengommeli wakhe eNkantolo
yeMantshi yaseRustenburg.

Ukudingidwa kwalolu daba kwaqala ngoMfunfu wonyaka ophelile, emuva kokuthi abammangalelwa bebike
ukuthi bashaywa kanzima – bancishwa umoya ngeshubhu – ngamaphoyisa ebaphoqa ukuvuma icala lokubulala uMeyiwa, owadutshulwa wabulawa ngo-2014, ekubo kwentombi yakhe, uKelly Khumalo, eVosloorus.  

Previous articleUKhoza uphumela obala ngokuhlukana noMkhokha
Next articleUzinikele emaphoyiseni owesifazane oshaye uthisha owusizo esikoleni