Sezihubela sakusha ngokwakhiwa kwesigodlo esisha seSilo

561

LUCKY CAIN

SEZISEMAPHETHELWENI izingxoxo zokwakhela iSilo uMisuzulu KaZwelithini isigodlo esisha KwaNongoma, lokhu kuvezwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesifundazwe e-Oval Cricket Stadium, eMgungundlovu namuhla. 

UNkk Dube-Ncube uthe basazoqhubeka nokusebenza ngokubambisana neNdlunkulu kaZulu njengoba bebenza phambilini kusaphila iSilo uZwelithini kaBhekuzulu (uMdlokombane). Uthe kule minyaka eyedlule, uHulumeni waKwaZulu-Natal wenze okuningi ukuqinisekisa ukuthi izigodlo zikaMdlokombane ziba sesimweni esifanele njengokuzibiya nokuthengela ondlunkulu bakhe nonina (INdlovukazi uMayvis, uKaGwabini) izimoto eziwu-6. 

ISILO uMisuzulu kaZwelithini sinoNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.

Uncome ubudlelwano obuhle uhulumeni awuholayo onabo nendlunkulu, waveza nokuthi bazimisele nokuqhubeka nalobu budlelwano. 

Uveze ukuthi – ngokuxhumana neSilo nendlunkulu – sebeyaziphothula izingxoxo mayelana nezinhlelo zokwakhiwa kwesigodlo esisha. Uzwakalise ubuhlungu ngezigameko zokubulawa kwamakhosi nezinduna, wathi lesi yisihlava esibi kakhulu. 

Uveze ukuthi uhulumeni ubeke u-R10 million ukusiza ezinhlelweni eziholwa ngondlunkulu bamakhosi ezindaweni ezahlukene zasemakhaya. Le mali uthe igcinwe esikhwameni esibizwa nge-Invest Rural, esizokwethulwa ngokusemthethweni ngoMbasa (April) nonyaka.

Previous articleKukhona nababanjwe eSwazini kwelokubulawa kuka-AKA
Next articleSisaqhubeka isiteleka sabaqoqa udoti eThekwini