Sezihubela sakusha ngomgcagco weSilo noMaMyeni

316

NONHLAKANIPHO SHINGA

ASEQALILE amalungiselelo omshado weSilo uMisuzulu kaZwelithini nondlunkulu wesithathu, uNomzamo “Masesi” Myeni, wasesigodlweni saseMachobeni. Ngokuthola kweLANGA, kulindelwe ukuba lo mshado ube phakathi kukaMfumfu (October) noLwezi (November) nonyaka. Kuthiwa  kuzokuba nomcimbi womkhehlo ngenyanga ezayo kwaMyeni, eJozini,.

Kuzokhumbuleka ukuthi maphakathi nale nyanga, abakwaMyeni bebehambise ingqibamasondo esiGodlweni KwaKhangelamankengane, KwaNongoma. Kulo mcimbi uMaMyeni ubonakale enika uninakhulu weSilo, uMavis, uMaGwabini, ubhasikidi onezibiliboco.

Umcimbi wokulotsholwa kukaMaMyeni ubungoNhlaba (May) kulo nyaka. 

ILANGA labika ngezingqinamba ezaqubuka ngemuva kokuba kuvele ukuthi uMaMyeni akayena owasebukhosini bakwaMyeni, njengoba kuthiwa abanye abasendlunkulu babezitshela ukuthi ungowakhona, okwathi uma sekuvela ukuthi akasona ngisho isihlobo, kwaba nabangahambisani nokuthi athathwe. 

Kuthiwa kwaze kwaphoqa ukuba usuku lokuhanjiswa kwelobolo lusheshiswe futhi kube nabathile abafihlelwayo lona ukuze bangaluphazamisi. Kwavela nokuthi kunabakhala ngokuthi uMaMyeni unezingane okungezona ezeSilo. 

Ngesikhathi iSilo sethula inkulumo ekhweni laso ngosuku lwelobolo, sathi: “Njengoba silapha, silapha ngoba intombi ngayithanda. Kangiphoqiwe ukuba lapha, yingoba kuthanda mina.”

Ngalo usuku kwamenyezelwa ukuthi uMaMyeni usengundlunkulu waseMachobeni, okuyisigodlo okwakubuye kuhlale kusona unina weSilo, iNdlovukazi uMantfombi. 

Umthombo uthi seziqalile izinkulumo namalungiselelo omshado. “Ngemuva komkhehlo kuzobe sekuba nomshado. Silindele ukuthi nawo ube sezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho umthombo.

ISilo uMisuzulu sinondlunkulu wokuqala uNtokozo (uKaMayisela) waseNewcastle, noNdlunkulu uNozizwe Malela waseSwazini. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleIlandise ngesihluku esenziwa wuhulumeni wamaBhunu emndenini wayo inkosi igcotshwa
Next articleAkufanele abaholi bazibone bebakhulu kunamaqembu abo